NOKUBONGWA PHENYANE
UBONGA abantu abebemvotela, uPhumzile Mseleku odume ngelikaNdoni ongomunye wabebemele iKwaZulu-Natal, ohlelweni ama-Idols SA.
UNdoni uphumile kulolu hlelo ngeSonto edliwa yivoti njengoba engakwazanga ukuqhubekela esigabeni esilandelayo.
Ekhuluma neSolezwe izolo uNdoni, uthe ujabule ngokufika kulesi sigaba aphume kuso ngoba kuzokwandisa amathuba akhe okuqhubekela phambili endimeni yomculo njengoba esaziwa.
“Ngizimisele ukucula umculo we-afro house ne-afro pop njengoba kuyiwona ohambisana kahle nephimbo lami futhi nasohlelweni abantu bebengithokozela uma ngicule izingoma zalolu hlobo. Ngiyabonga kubona bonke abantu abebengivotela kusukela kumenyezelwa ukuthi kuyaqala ukuvota kwaze kwaba sekugcineni,” kuchaza uNdoni.
Uthe kubaculi azimisele ukusebenza nabo kubalwa iBlack Motion, Nokwazi Dlamini, TNS nabanye be-afro pop.
“Ngiyajabula ukuya ekhaya bese ngibakhumbule nabo, ikakhulukazi indodakazi yami sengikubheke ngabomvu ukuyibamba ngezandla njengoba ngayishiya incane. Ekhaya ngizoya namhlanje ntambama (izolo). Ngiyabonga kulona lonke ithimba lama-Idols siphatheke kahle, abantu mabalindele okukhulu kimi kusuka manje,” kuchaza uNdoni.
UNdoni kwabasele uthe, akazi ukuthi ngubani ongathatha isicoco salo nyaka njengoba benamakhono bonke.
Ohlelweni lwangeSonto, uMr Music, Brendon, Zama noZanothando bazocula nabaculi bowokholo, okukhona kubona uNtokozo Mbambo, Rebecca Malope noDr Tumi.
UNDONI useveze ukuthi kuningi akufunde ohlelweni ama-Idols SA nokuzokwenza ukuthi angabe esayeka endimeni yomculo azongena kuyona manje ISITHOMBE: SIGCINIWE