USIPHOKAZI ‘Nonzwakazi’ Maphumulo, umzilili we-opera uthole ithuba lokulingisa emdlalweni wethelevishini okhonjiswa kwiMzansi Wethu phakathi nezinsuku iSibongile and The Dlaminis.
UNonzwakazi uthe ulingisa indawo kathisha umemu uNtuli. Ulandise kanje ngendawo azoyilingisa uSiphokazi: “Lo thisha akathandwa ngabafundi ngoba akaziphathi kahle izingane. Unolimi olubi, olubhidlizayo. Aphinde abe yisiqhwaga esinonya, okuyinto engingasiyona mina. Ungumuntu naye, imvelaphi yakhe engenaso isisekelo esihle kodwa esikhundleni sokuzilungisa simbona ekhiphela izilonda nemivimbo yakhe ebantwaneni.”
UNonzwakazi uthe okumchaza kakhulu ngale ndawo wukuthi izovula abantu abaningi amehlo ngonya lwabanye. Wathi uyakuthokozela ukuba ngumlingisi ngoba kumnikeza ithuba lokukhula endimeni yezamaciko.
Umzilili uqhube wathi: “Ngizizwa ngijabule kakhulu ngokukhulela ekulingiseni ngoba ngithola ithuba lokuthokozisa ababukeli. Ngibuye ngibe yingxenye yokukhonjiswa kwithelevishini yempilo yabantu baseNingizimu Afrika, ngibe ngizidlondlobalisa kwamina ngolwazi, ngempilo nangobuciko.”
Uthe uqale ukuveza ikhono lokulingisa emdlalweni osanda kuqedwa iDurban Gen. “Bengilingisa indawo kaBongiwe Nkosi, obengumama kaCelisile - umama obengezwa mshini, efuna ukudla amfele umfana okhulelise indodakazi yakhe.”
Echaza ngokungena ekulingiseni, uNonzwakazi uthe waxoxa nenkampani emphethe.
“Ngabe sengiqala sengivuselela ukulingisa, ngicosha ulwazi kuyo i-agent. Yabe seyingithumelela imibhalo uma kunenhlolokhono futhi yangichushisa ngokuqinisa kakhudlwana ekhonweni lami. Nebala ngalungisa lapha ngendlela, ngazithola sengingene kwiDurban Gen. Emuva kwalokho ngangena kuZalo.”
UNonzwakazi uthi ufunde okuningi kumlingisi weSitha, uDawn Thandeka King.
“Umsebenzi wakhe usezingeni eliphezulu. Enye yezinto ezenza ngihlabeke umxhwele uma ngimbona esebenza yingoba ngiyazi ukuthi unesiphiwo sokucula. Ngibona indlela asebenza ngayo ukuthi ukucula kwakhe nokulingisa kwakhe kuyasebenzelana.”
UNonzwakazi ufunde eNyuvesi KwaZulu Natal (Howard College) lapho enza iziqu zeGeneral and Industrial Psychology. “Ngase ngenza iHonours kwi- Industrial Psychology. Konke lokhu bengikwenza ngingamile ebucikweni, lapho engathola ukuqeqesheka khona ngezinhlobo ezahlukene zomculo eziningi zazo bezidinga ukuthi ngiqeqesheke nasekulingiseni.”
Le ntokazi ibuye yabamba iqhaza emdlalweni obukhuluma ngoMntwana uMagogo futhi yacula kwiClemont Choir. UNokwazi uthe uzoqhubeka nokuncelisa amawele ngokucula, nokulingisa.