UMETHULI wohlelo oseluzakhele isigcwagcwa kubantu besifazane abaningi, uMnakwethu, usephumele obala waziqhelisa nokucika ababukeli abaningi.
UMusa Mseleku, wodumo loThando Nesithembu, uthe yena ubhecwa ngobende, inyama engayithanga mbibi ngalolu hlelo.
Ababukeli abaneme ngokuvezwa kwabantu besilisa abazixakekele futhi abangakashadelwa bethi bafuna ukuthatha isithembu. Ngakho lolu hlelo lusolwa ngokuhlanekezela inhlosongqangi ngokuthathwa kwesithembu futhi lugqugquzela ukuba abantu besilisa baqhubeke nokushintsha abantu besifazane njengamasokisi ekubeni bengashadelwe. Abanye baze basole lolu hlelo ngokuba “yisikeshi’’, bathi kwabantu abavela kulona basuke bethengiwe, akubona abasuke befuna isithembu ngempela.
Akukhona okokuqala kukhalwa ngalolu hlelo. Nowayengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe "Zulu Charmer" Mchunu, wake waphumela obala, wakhwela wadilika kuMseleku, emsola ngokudlisa ababukeli ushevu. Naye wayekhala ngokuvela kwabantu abazi kahle ukuthi abashadelwe kodwa banezintombi kodwa abathushuka kulolu hlelo sebethi bashadelwe. Umsindo wokuqala waqutshulwa ukuvela kukaGezani Dludla (28) waseShowe ethi ufuna imvume kunkosikazi wakhe, uSiphesihle Cele (19) ukuze athathe uThabisile Mkhize (20) njengonkosikazi wesibili. Nosomabhizinisi oyisishoshovu se-ANCYL, uLindokuhle Xulu, wathi umazi kahle uDludla ukuthi akashadelwe. Wathi sekucace bha ukuthi lolu hlelo aluyona impilo yangempela kodwa yindlela yokuxosha ikati eziko nje. Eqhubeka wathi okubuhlungu lubulala usiko lwesiZulu.
"Ayikho indoda kwaZulu efuna unkosikazi wesibili ingashadelwe. Isithembu esabantu abashadelwe. Okwenziwa wuMselekuukudlisa abantu ushevu ngesiko lethu. Yena nabanye abantu bezinye izinhlanga bakhohlisa abantu bakithi ngenxa yemali," kucashunwa uXulu.
Akugcinanga lapho kwabuye kwavumbuka enye intombazane enguSne Biyela eyadalula ukuthi yavela kulolu hlelo ukuba izolingisa indawo yowesifazane ozongena esithenjini ngoba ithenjiswe uR2000. "Sasenza sengathi siyathandana. Kwakuzoba yimfihlo yethu. Ngavuma ngoba ngangidinga imali." Indaba yonakala uma umlisa owayethenge le ntombazane esefuna bajole okwangempela, okuyinto ephambene nomthetho webandla.
Nomculi kamaskandi, uDulas Magubane, wacashunwa ezivumela ngokwakhe ukuthi yena akanasithembu kodwa wayelingisa nalamantombazane ayevele nawo. Wathi ngamantombazane ayekhethwe ngumkakhe uMaHlongwa. Ebuzwa ukuthi uma ecabanga uMseleku wayazi uyini kuthi kuyadlalwa, uDulas wathi akathembi ngoba bahlangana ngoba sebezoqopha kuphela.
Ebuzwa uMseleku ngalezi zikhalo, uthe abantu abangachaza kahle ngokwenzeka kulolu hlelo ngabadidiyeli balo.
"Mina ngiwumethuli walo kuphela.Ngihlangana nabantu (abavela kulo) okokuqala ngqa mhla kushuthwa. Yingakho umuntu ngiyaye ngimbuze ukuthi uwubani nokuthi hloboluni lomsebenzi awenzayo nokuthi kungani efuna isithembu... Akukho okungaphezu, kwalokho," kuchaza uMseleku ngesizotha. Ebuzwa uShirley Adonisi, ongumqondisi wezinhlelo ezikhiqizwe kuleli kwiMnet, uthe kufanele bazi ababukeli ukuthi konke okusuke kwenzeka kuMnakwethu kuyiqiniso.
Uthe uMnakwethu uhlelo lwempilo yangempela oluqubula uhlevane kodwa olunikeza amadoda ashadelwe ithuba lokunqoba ukwesaba ukwazisa unkosikazi ngokuthi usezolanywa.
"Ngokwesiko, indoda ayidingi imvume kankosikazi wayo ukuze ithathe omunye unkosikazi kodwa ikwenza lokho njengophawu lokuhlonipha. Kufanele ihlale phansi nonkosikazi wokuqala bese imazisa ngesifiso sayo sokuthatha omunye unkosikazi." Uthe lolu hlelo lunikeza amadoda inkundla yokuba akhulume namakhosikazi awo ngezifiso zawo ngesithembu bese bewakhombisa nabantu besifazane abahlela ukubashada.
"Sizama ngayoyonke indlela ukulethela umphakathi wethu uhlelo olukhuluma ngempilo oyaziyo futhi oluzowenza ukhulume. UMnakwethu uyaqhubeka nokuhambisana nababukeli bethu, awubhaliwe," kuphetha uShirley.
Yize ethunyelelwe imibuzo kodwa uvele wangayiphendula yona kodwa wangena ezintangeni.
Abe-Broadcasting Complaints Commission SA (BCCSA) neCRL Rights Commission bathe basalindele izikhalo zababukeli.