AKAZIBONI ethatha owesifazane onengane yomunye umuntu, umsakazi owale unkosikazi phambi kwezwe libuka, ohlelweni lwesithembu oludlala kuMzansi Magic ku-161 ngoLwesithathu.
UBheki "Magaye" Cele wohlelo uMnakwethu Happily Ever After, nongumsakazi wohlelo Senza Kwenzeke kwiZwi Lomzansi FM eThekwini, ubonakale kulolu hlelo lwesithembu kwithelevishini nobeyinkosikazi yakhe encane uNksz Thempe Xulu, emtshela ngemfihlo yakhe yeminyaka nokumdine wamala khona lapho.
UNksz Xulu utshele uMagaye ukuthi kule minyaka ewu-12 bethandana, unengane abengakaze akhulume ngayo nabeyifihlile. Lokhu kushaqe abantu abaningi futhi kuwundabuzekwayo ezinkundleni zokuxhumana. UMagaye uthe yize engumuntu okhululekile nonothando kodwa ngesikhathi esaqala ukwazana noNksz Xulu, wakubeka kwacaca ukuthi akaziboni engakwazi ukuthandana nomuntu wesifazane onengane.
“Nami ngifana nani, ngikuqabuke phambi kwamakhamera ngingeke ngisenza lutho, ngamangala. Anginayo inhliziyo embi njengoba ngimalile nje kuphelile futhi angifisi abantu bacabange ukuthi ngimbambele igqubu. Othandweni azifuneki izimfihlo, ingane akuyona into yokufihlwa umuntu aze ayokhokha kini uthule ungamtsheli iqiniso,” kusho uMagaye.
Eqhuba uthe lokhu okumehlele ukuthathe ngokuthi kuyafana nse nokuvamise ukwehlela abesifazane begilwa ngabesilisa. Lesi sigameko uthe ufisa sibe yisifundo kwabanye abantu besilisa sokuthi uthando luhambisana nobuhle nobubi, okungasho ukuthi kumele ajeziswe owesifazane uma esephutheni.
"Ngendlela ebengizizwa ngayo bengingenza noma yini kodwa ngakhetha ukuxola ngazitshela ukuthi nakubantu besifazane sihlala sibona kwenzeka, nami ngishaywe ngenduku ehlala ishaya banye.
Ephetha uMagaye uthe uyasola ukuthi lo nkosikazi wakhe wathatha lesi sinqumo ngoba esaba ukuthi ngeke esaqhubeka nokuthandana naye ngoba enengane. UMagaye uthe ngesikhathi beqala ukuhlangana wayesemncane kakhulu mhlawumbe nalokho kwamenza waba namahloni. Ukufihla ingane akuzange kuqinise uthando lwabo, kunalokho kuvele kwaphela nobelusozwaneni ngokusho kwakhe.
UMagaye ucele ukuthi kube okokugcina emataniswa nalo wesifazane ngoba yena usedlulile lapho. Isikhala sonkosikazi wesibili uthe sesivulekile ngoba uzimisele ngokuqhubeka nesithembu kodwa ngeke esabheka emuva. UNksz Xulu ngesikhathi kuphela uhlelo uzehlisile wacela uxolo kwithelevishini izwe lonke libuka, waveza ukuthi ubengaqondile ukumzwisa ubuhlungu kodwa ubengeke athule ingunaphakade nale mfihlo ebimudla ngaphakathi yonke le minyaka.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukankosikazi iphunzile njengoba ebengatholakali ocingweni.