Abe-Uyajola 9/9 batheleka KwaMsuthu Funeral Services behamba nentombazane eyayibacele ukuba bayiphenyele ukuthi isoka layo liyibhangqe nobani.
Nebala bayifica indoda yalo wesifazane isazitika ngenyama yenkukhu echochobaliswe emafutheni noNokulunga. Kwavele kwasuka uthuli lezichwe, kuliwa.
Umphathi weKwaMsuthu Funeral Services, uMnuz Sihle Maphalala, uthe bahlanganile noNokulunga ngesonto eledlule ukuze bamazise ngesinqumo abasithathile ngekusasa lakhe. Yize etholakale enecala lokuphula imithetho yenkampani kodwa bathathe isinqumo sokumnikeza isexwayiso.
“Sabe sesimhlelela uqeqesho lapho ezofundiswa khona kabanzi ngokubaluleka kokuhlonipha umsebenzi nabantu abangena emahhovisi noma isimo abhekene naso singamphathi kahle.”
Uthe okubenze bamthethelela ukuthi isiqubulo sabo sithi: “Sinawe Ezikhathini Zobunzima”. AbaKwaMsuthu abagcinanga lapho kodwa babuye bathi abambungaze njengoba kuyinyanga yabesifazane.
“Sibe sesithi makube khona esikwenzayo siyinkampani, ukumduduza ngokwenzeke kuye. Njengoba kuyinyanga yabantu besifazane, sibe sisimhlelela indawo lapho ezoyobhucungwa khona athole nethuba lokupholisa umqondo ngokwamehlela.
“Siyinkampani yaKwaMsuthu Funeral Services, bekuyisifiso sethu ukuthi laba abes’fazane abathintekayo kulolu daba sibenzele lokhu bobabili kodwa imizamo yokuthola lo omunye wesifazane, ayiphumelelanga,” kuphetha uMaphalala.
UNokulunga, waseFolweni ubonge kakhulu abaphathi bakhe ngethuba lesibili abamnikeza lona futhi wathembisa ukuthi iphutha elifuze leli elenzeka ngeke lisaphinda limehlele.
Okwacasula kakhulu abaphathi bale nkampani namanye amakhasimende ukuthi uNokulunga wasuke wavuma ukuthi ubuye aye ocansini emabhokisini omngcwabo, okuyinto ayisho ngoba ecasulwa ukuhilelwa wuJub Jub ngemibuzo.