ABANTU bakuleli bazomazi kangcono umculi uMoonchild, njengoba sekuvele izindaba zokuthi uzoba nohlelo oluthi yena kuMTV Africa (Channel 130), kusukela ngoMsombuluko, ngo-9.30 ebusuku.
Uhlelo lukaMoonchild oluthi Moonchild Sanelly WOZA, luzovezela abantu bakuleli okuningi abebengakwazi ngale ntokazi eziqeshini eziyishumi ezizobonakala.
“Uma kukhulunywa ngokuthi ngeke ngifihle lutho abantu ababukele lolu hlelo. Impilo yami yezothando ngizoyinekela abantu bakuleli bese ngikhuluma ngamabhizinisi ami nomculo. Njengowesifazane okhulisa izingane ngayedwana, ngizovezela abantu ukuthi konke ngikwenze kanjani ngaze ngaphumelela ngafika lapho ngikhona manje,” kuchaza uMoonchild.
Uveze ukuthi njengomuntu othandayo ukujabulisa abantu ngomculo, okunye azokudalula ukuthi yini umuntu okumele ayenze ukuze abe yiciko elijabulisa abantu ngomsebenzi elisuke liwenza.
“Umuntu engithandana naye ababukeli balolu hlelo bazombona okokuqala kulona, siyathandana kakhulu naye futhi ngibone sekuyisikhathi sokuthi bamazi abalandeli bami. Uhlelo lolu oluzoba mnandi kakhulu,” kuchaza yena.
UMonde Twala ongumphathi wakwaViacomCBS Networks Africa, uveze ukuthi uMoonchild ungomunye wabaculi bakuleli abanabalandeli abaningi futhi nabo bajabule kakhulu ukusebenzisana naye.
Uveze ukuthi abantu bakuleli abebecabanga ukuthi bayayazi le ntokazi, bashaye phansi njengoba manje sebezoyazi kangcono kulolu hlelo.
“Ngesonto eledlule sethule uhlelo lukaBusiswa njengoba manje sesethula lolu. Siyaqhubeka nokuthuthukisa abaculi besifazane base-Afrika,“ kuchaza uMonde.