NGESIKHATHI amaciko amaningi ebhuquza emakhaya njengoba kuvalwe izwe, kodwa umlingisi womdlalo wethelevishini, Ifalakhe, uNtokozo "Sngqazu" Ngcobo, umatasatasa kakhulu kunakuqala.
USngqazu, obelingisa indawo kaQueen Ibanathi, uzobe ebambe iqhaza emicimbini eminingi. Uthe kunomdlalo azolingisa kuwo okhuluma ngeNkosi uShaka Zulu kodwa kusazoqiniswa indawo ayilingisayo.
"Ngizobe ngibambe iqhaza kwiKzn Covid 19 Live Poetry Streaming ezokwenziwa izinyanga eziyisithupha kusukela ekupheleni kuka-Agasti 2020. Ngizobe ngiyingxenye yethimba elizobe liqoka osonkondlo abazobe beqhakambisa imisebenzi yabo bukhoma," kusho uSngqazu.
Uthe uzobuye abe yingxenye yeShashalazi Women Theatre Festival – okuyinkundla yabaqondisi nabalingisi besifazane abasafufusa kodwa abafuna ukungena emkhakheni weshashalazi okhokhelwayo.
Imvamisa lo mcimbi uba ngomhla ka27 kuya ku30 Agasti. USngqazu uzobe engumphathi wohlelo futhi abuye ahaye ezinye zezinkondlo zakhe khona eKhaya Multi-Arts Centre.
Uzobuya futhi abambe iqhaza kwiSigcawu Theatre Festival, okusuke kuqhudelana khona amaqembu abalingisi angu40 aseKZN ngoNovemba 6 kuya kumhla-8. Nakhona lapha uzobe engumphathi wohlelo futhi abuye enze adume ngakho.
Uthe unyaka uzowuvala kwiKZN African Film Festival (KAFF) khona futhi eKhaya Multi-Arts Centre ngoDisemba. Lapha uzobe engomunye wabadidiyeli bezinhlelo.