UMLINGISI owagqama kwiSibaya, uNhlanhla Mdlalose, uthi akasezoba mningi kwithelevishini ngoba usefuna ukugxila ekudidiyeleni.
UNhlanhla wayedlala indawo kaBongani kulo mdlalo owawukhonjiswa kuMzansi Magic nosewaphela.
“Angisagxilile kakhulu ekulingiseni. Ngiyenza nje kodwa ngiwumdidiyeli wangempela manje,” kusho uNhlanhla.
Uthe kunomdlalo omkhulu awenzayo abantu abazowubona maduze. Uthe uke wenza ifilimu, Ikhandlela Elibomvu, futhi waba ngomunye wabadidiyeli bomdlalo owawukhonjiswa kuMzansi Magic, iNqobile.
“Ngibhala ngemidlalo ethinta wonke emuntu ngezinto ezenzeka kakhulu emakhaya. Sixoxa izindaba zethu ngendlela yethu. Kubuhlungu ukubona imidlalo efana nekaShaka ididiyelwa ngamaNgisi.”
Uqhube wathi ubonga Isibaya ngendlela izinto ezenzeka ngayo empilweni yakhe.
“Isibaya sangibeka la ngikhona manje. Ngaqala kudala ukulingisa ngidlala noBhongo kodwa kwiSibaya yilapho abantu abaqala khona ukungiqaphela. Ngesikhathi ngisekhona futhi ngangizihlupha kakhulu ngibuza ukuthi izinto zenziwa njani. Ngiyakhumbula ngibuza uDes (Desiree Markgraaf) ongomunye wabaphathi beSibaya, bathi akangifundise ukuqondisa, wathi angikhulume no-Adze (Ugah). Ngaya emakilasini ambalwa kodwa ngabona ukuthi ukuqondisa akuyona into enginamandla kuyo, ngathi angibe wumdidiyeli ngibe ngaphezu kwakho konke ngoba umdidiyeli nguye oqasha nomqondisi. Ngilandela iphupho lami lakudala ngoba ngesikhathi ngingena ekulingiseni ngangivele ngifuna ukuba wumdidiyeli.”
NgoLwesihlanu, uNhlanhla uqale ukubonakala kwiThe River kwi-1Magic lapho edlala khona indawo kaPhilani Dludla.
“Angikaze ngidlale indawo yokuba wunogada phambilini. UPhilani unesikhundla enkampanini yonogada eKhanyisa Diamonds. Uyindoda esebenzela umndeni wayo futhi izingane zayo zifunda ezikoleni eziphezulu kodwa engunogada. Uyisithenjwa sendoda. Abantu basazobona lukhulu.”