OGQAME ngesikhathi elingisa Emzini wezinsizwa, uVusi "Tshawe" Thanda, uthi akakholelwa kopastor ngoba balwa nabelaphi bendabuko kuleli.
UVusi osanda kusinda ekuguleni ngemva kokucela umnikelo kubantu bakuleli, uthe o-pastor bathi amasiko nemikhuba yesintu, yizinto zobuhedeni.
“Umuntu obizwa ngo-pastor akusiye umuntu waseNingizimu Afrika. Uvela ngapha eNigeria, angizozwa ngaye. Abefundisi esikhule ngabo bakoWeseli, e-Afrika naseBaptist, abakhulumi ngalokho. Bafundisa ngoJesu nangoNkulunkulu. Bese umuntu ovela le kude, eqe bese ezokhuluma ngezinto esikhule zenziwa ngobabamkhulu," kukhononda uVusi.
Umlingisi uqhube waxwayisa abantu ngokuthi bakuyeke ukunikeza abantu imali ezandleni.
Ekhuluma kwiThe Hustlers Corner SA, uthe kuyingozi ngoba kunabantu abaloya abanye ngalokho.
"Omunye umfana wenza iphutha, ehlangana nomunye ugogo owayetotoba, eshiswa yilanga. Wathi 'Kungani gogo ushiswa yilanga kabuhlungu kangaka, ngikhona.' Wakhipha uR50, wanikeza ugogo. Wagcina ngalelo langa ukubona imali. Waba yisichaka isikhathi eside."
Umlingisi uthi esikhundleni sokunikeza umuntu imali ngesandla, kungcono umfakele koShoprite.
Uchaze wathi: "Angayitholi iphuma ekhukhwini lakho ngoba eyesandla ingakwenza uhlale ungenamali impilo yakho yonke. Loyo mfana waze wasizwa yizinyanga.
"Kunendawana ebizwa ngeGwatana, lapho kuhlangana khona abathakathi. Ngiyezwa ukuthi babanemihlangano lapho besuke bebonisana ngathi ukuba basiloye. Uthe bayakhathaza abathakathi empilweni ngoba yibo abenza izinto zabantu zingaphumeleli.
"Yibo abenza amabhizinisi ethu awe. Yibo abenza izingane zethu zingaphumeleli ezikoleni futhi badle i-nyaope (iwunga)."
Uthe kuwubulima ukungafuni ukukholelwa ebunyangeni ngoba yizo izangoma nezinyanga ezisiqwashisayo ngokwenzeka kithi.
"O-pastor bathi yizinto zobuhedeni. Umuntu obizwa ngo-pastor akusiye umuntu waseNingizimu Afrika uvela ngapha eNigeria, angizozwa ngaye. Abefundisi esikhule ngabo bakoWeseli, e-Afrika naseBaptist, abakhulumi ngalokho. Bafundisa ngoJesu nangoNkulunkulu. Bese umuntu ovela le kude, eqe bese ezokhuluma ngezinto esikhule zenziwa ngobabamkhulu."
UVusi utuse kakhulu isizwe samaZulu ngokuqhubeka nesiko lokuhlola amantombazane.
"Lilodwa isiko thina maXhosa esisalenza, elokuya entabeni, ukuyosoka. Ngiyasola asisalwenzi ngendlela kodwa sisabambelele kulo yize kukhona abangaluthandi."
Uthe eBhofolo wabona into ebuhlungu ngo-1968.
"Kwafa abafana abathathu besha nendlu. Mhlawumbe babedakiwe noma yilezinto ebesikhuluma ngazo."
Ubonge kakhulu abantu bakuleli ngokumxhasa ngesikhathi efuna usizo lwemali futhi usengumqemane manje. Nakuba kunjalo kodwa ukuvezile ukuthi kwabanye uphenduke inhlekisa.
UVusi wahlaselwa yisifo sikashukela, wangena ephuma ezibhedlela futhi wagcina eseyinto yombhede. Yiso esagcina simenze wagcina emile ekulingiseni kwiThe Queen.