ISIPHALAPHALA somlingisi esijoyine iThe Wife muva nje, uGaisang Noge, sithi asijahile ukuqoma sifuna ukugxila ekulingiseni.
Intokazi (26) ithi ayinalo isoka futhi ayizimisele ngokuqoma njengamanje. UGaisang oqale ukubonakala kwiHouse of Zwide, uthi uzihlalele futhi akathungathi mendo. Isiphalaphala senza izinsizwa ziqhaqhazele amadolo, ezinye zihlale zibabaza ubuhle baso ezinkundleni zokuxhumana.
"Okwamanje ngisakujabulela ukungabi nandoda ngoba ngisagxile emsebenzini wami wokulingisa," kusho isingqazu esinguGaisang.
Ngaphandle kokulingisa indawo kaNaledi kwiThe Wife nekaMampho kwiHouse of Zwide, uGaisang ubuye akhangise ngengqephu, okuwumsebenzi aqale ukuwenza esefunda esikoleni samabanga aphezulu.
Echaza ngokungena kwiThe Wife, uGaisang uthe washayelwa ucingo ngumphathi wakhe emcela ukuba akashuthe isiqephu ngokuphazima kweso ngoba kukhona lapho sidingeka khona. Uthe wabe eya kwinhlolokhono maqede wathathwa kanjalo.
UGaisang uthi unomkhuba wokuhlala azincinze isikhumba ngenhloso yokuzwa ukuthi ngempela nguye yini owenza noma osendaweni ethize? Uthe ukuba ngumlingisi kumenza azincinze efuna ukuqinisekisa ukuthi ngempela wuyena yini lo ngoba konke okwenzeka empilweni yakhe kuyammangaza.
Nakuba enothando nekhono lokulingisa kodwa uchaze uyise wodumo kwiSelimathunzi-Dukuduku, uDosto Noge, njengomuntu owamfaka ugqozi nofuqufuqu lokulingisa.
Yize kunjalo kodwa uthe wayengaba wumlingisi, ngisho noma ngabe wayezalwa ngumuntu ongalunguzanga kwithelevishini ngenxa yokuthi uzibona ebizelwe kulo msebenzi.