CHARLES KHUZWAYO
UMLINGISI weDurban Gen, uNelisiwe Sibiya, ugeqe amagula kwiYouTube kaLungelo KM, ngalokho okwenza bahlukana nomculi wokholo, u-Ayanda Ntanzi.
UNelisiwe, olingisa indawo kaDkt Mbali Mthethwa, uthi yena no-Ayanda babethandana futhi kuvutha amalangabi phakathi kwabo kangangoba baze bathembisana umshado.
"Ngangithandana naye ngisemncane kakhulu ngesikhathi sisafunda enyuvesi. Sithandane naye saze sahlukana ngo-2019," kuchaza uNelisiwe.
Uthe babethembisene umshado ngokwasentshonalanga ngoba akazange acelwe noma alotsholwe ngenxa yokuthi u-Ayanda, usindisiwe futhi akakholelwa ezintweni zesintu.
"Mina ngingumuntu wabantu abadala, wonke umuntu uyakwazi lokho futhi bake babone. Uma kufuneka ngiyogcaba, ngizoya ngiyogcaba."
Uthe kwakuba nokungqubuzana phakathi kwabo ngoba wayevamise ukufakwa iziphandla abuye nezingcabo zimanzi.
"Enye into eyasixabanisa yile yokuthi wayematasatasa efuna ukuya ekhaya, eyongilobola ekubeni kunezinto okumele ngizilungise mina njengoNelisiwe. Isibonelo nje, njengoba ngishilo ukuthi nginabantu abadala. Umuntu ozoza ekhaya kufanele akwazi ukuzongilobola, aphinde alobole idlozi. Ngiyazi wayengeke akwenze lokho."
Uthe babethandana beno-Ayanda futhi namanje base ngabangani. "Namanje usewumngani omkhulu wami. Ngebhadi asiqhubekanga nokuthandana, okuyinto eyenzeka kubo bonke ubudlelwano. Kodwa ngakujabulela ukuba naye ngoba kwangivikela ezintweni eziningi," kulandisa uNelisiwe.
Uthe usondelene kakhulu naye nodadewabo kangangoba muva nje ubesemngcwabeni kabhuti ka-Ayanda. Eqhuba uNelisiwe uthe kunabantu abakholwa ukuthi basathandana, ekubeni akunjalo. Uthe bake baxoxa no-Ayanda ukuthi bathandana bese bancane futhi uma bedalelweni, bangabuyelana.
Uthe ukuhlukana kwabo ngezinkolo kwakuzomlimaza ngoba uyazi ukuthi u-Ayanda wayengeke avume aqabulane namadoda kwithelevishini.
Uncokole wathi: "Ngiyawaqabula yini pho? Futhi angiqomi-angiqomi kwithelevishini. Sengingena emshadweni wesithathu." Uthe ubudlelwano babo babuvimba impumelelo yakhe.
"Emuva kwezinsuku ezimbili ngaqashwa kwiDurban Gen."
Ebuzwa ngobudlelwano bakhe noRobert Marawa, uvumile ukuthi bayazana kodwa wathi abathandani. Uthe ngaphambi kokuqashwa koweDurban Gen, kwakunzima empilweni yakhe ngoba wayengena ephuma esibhedlela futhi esezacile ngenxa yokhwantalala, okwakudalwa ukuthi wayethandaza kakhulu futhi ezila ukudla amasonto amathathu.
UNelisiwe uthe namanje usakhala uma ekhumbula unina ongasekho, uma kwenzeka izinto ezimbi nezinhle empilweni yakhe.
"Ngize ngikhanyise amakhandlela, ngiphahle bese ngikhuluma namadlozi."
Uthe ubusisekile ngoba izinto eziningi ayezifisa, ziyenzeka njengokuthengela umndeni wakhe umuzi nemoto eyisilahla. Esephetha uthe uyibhinca elikhulele eNkanini, eShowe kodwa ukhule ehlukumezeka kubo futhi kunabamtshela emehlweni ukuthi uzozalela ekhaya njengodadewabo.
Uthe ingoma ethi Mama KaBafana, wayiqanjiswa yilobo buhlungu akhule ngaphansi kwabo.