UMLINGISI osemnkantshubomvu, uMangaliso Ngema, ucacisa ngezinsolo zokuhlukumenza ngokocansi ezimenze wakhonjwa indlela emdlalweni wakwaSABC 2, iLithabo. Ngesonto eledlule uzakwabo kaNgema, uLorraine Moropa (23), ubhale ezinkundleni zokuxhumana ukuthi kunomlingisi omdala kuye ngeminyaka nangamava omhlukumezayo kulo mdlalo kodwa ongakaze wathathelwa izinyathelo. Ngibe sekuphawula nomsakazi weY FM, naye olingisa kwiLithapo, uAltovise Lawrence, wathi naye wake wahlukunyezwa yilo mlingisi, okugcine kuvele ukuthi nguMangaliso. Inkampani eqopha lomdlalo, iQuizzical Pictures, ibe seyithatha isinqumo sokunqamula isivumelwano sokusebenza noMangaliso. Ephumela ibala uMangaliso uthe zingamanga aluhlaza lezi zinsolo.
"Ongimangalelayo uthi ngazithinta ngendlela engamukelekile ngesikhathi ngigqolozele yena. Ngithanda ukukutshela ukuthi akusilo iqiniso lelo. Akaqondanga, wabe esezitshela okunye. Ngamqonda ngaxolisa kuye ngokumenza azizwe ngaleyo ndlela." Uthe obekumenza awuhlabe inhlali ezinkundleni zokuxhumana ukuthi ubefuna kube nemiguqu elandelwayo emsebenzini.
"Lezi zinsolo angizibukeli phansi. Sisesikhathini esinzima lapha eNingizimu Afrika lapho abantu besifazane behlukunyezwa futhi baphathwa kabi. Abantu besifazane bacindezelwe kuyoyonke imikhakha yempilo. Ngiyazi ukuthi loludaba libucayi kanjani ikakhulukazi kimina njengobaba okhulisa izingane zamantombazane. Ngicabanga ukuthi kusemqoka ukuchaza ukuthi kwenzekani khona uzozwa uhlangothi lwami.
KwakuwuMsombuluko womhlaka20 sishutha isiqephu, nganginenkinga nezingubo engangizolingisa ngazo. ibhulukwe ilami lalingimpintsha, ngangithwele kanzima kangangoba kwakuthi uma kudingeka ukuba ngisukume kwakungathi lizodabuka. Ngisahleli, ngaphakathi endlini futhi kunabadidiyeli, ngimatasatasa ngihlola ibhulukwe lami ukuthi ngeke yini lidabuke. Uma ngiqalaza, ngambona buqamamana engibhekile (esho uLorraine). Wacabanga ukuthi ngiyaziphulula, okuyinto eyayingenjalo. Okuyibhadi nje."
Uthe uzwile ukuthi uLorraine wake wakhalaza ngaye. Echaza uMangaliso uthe babeshutha esinye isiqephu acabanga ukuthi esokuqala njengezithandani emdlalweni.
"Sacelwa ukuba sigingqike embhedeni. Wakhalaza ngokuthi ngesikhathi umqondisi ethi asiyeke, mina ngaqhubeka nokulingisa ngoba angisisusanga isandla sami enqulwini yakhe. Ngaqala ngathi yinto encane. Emuva kokuhlala phansi nomphathi wami nophrojusa, ngathi sengizwe isikhalo sakhe, ngaxolisa. Ngacabanga ukuthi ngizame ukungamnaki ukuze singaphazamisi ukuqopha. Khona ngiyaxekeka ngoba umuntu ohlale ethi angimasaje emhlane. Ngisho nangemuva kokungisola kodwa wangicela ukuba ngimasaje. Ngangilindele ukuthi abomdlalo babezolandela imigudu efanele kodwa, ngaphambi kokuba kwenzeke lokho, wabhala ezinkundleni zokuxhumana. Kwaphinde kwaqhamuka nomunye uzakwethu wathi naye ngenza okufanayo nakuye. Angiqondanga kwaze kwaba yilapho kuvela ukuthi ngamthembisa ifenisha. Iqiniso wayethwele kanzima ngoba wayehlala kude nasemsebenzini. Ekhala ngokuhamba ibanga elide. Ngamnikeza ikhotheji elifenisha ekhaya. Kodwa wagcina esethi lokho ngangikwenza ngoba ngimfuna." Uziqhelanisile nenkulumo eyabhalwa ezinkundleni zokuxhumana ngomuntu owazibiza ngegama lakhe futhi efake isithombe sakhe. Uthe kwangesiye loyo futhi yena akakaze wavuma ukuthi wayenza lento asolwa ngayo.
"Iningi lenu seliyazi ukuthi isivumelwano sami sokusebenza sanqanyulwa. Lokhu kwenza sengathi kwalandelwa imigudu, ngase ngitholakala nginecala, okuyinto engenzekanga. Lolu daba sengiludlulisele kubammeli bami abangelulekayo ukuthi yiziphi izinyathelo okufanele ngizilandele kuyaphambili. Angizami ukuzivikela ngoba ngiyazazi nami angikho msolwa. Angikaze ngafisa ukuhlukumeza umuntu wesifazane. Ngithanda ukuxolisa kubo bonke abantu besifazane abathunukalile ngokuzwa lezinsolo. Ngiyaxolisa kubo ekujuleni kwenhliziyo," kuphetha uMangaliso.