USOBISHINI umlingisi uSiyabonga Shibe, ovulelwe icala lokusebenzisa imoto ngaphandle kwemvume, yabuya ishayisile futhi inekhondomu esebenzile.
UShibe uvulelwe icala ngowaduma kwezomculo, uBhar okunguyena obemboleke imoto. Ngokuthola kweSolezwe ngeSonto, uShibe oke wadlala uQhabanga kuZalo, uboleke imoto kuBhar bavumelana ngokuthi ikhokha R1000 ngosuku okuthiwa kugcine kuxatshanwa kungasenzeki lokho.
UBhar uthi into edale ukuthi avule icala wukuthi uShibe ubegweve nemoto engamtholi ngisho ocingweni enqaba nokhiye wayo.
“Ngigcine sengithumela ukuthi iyolandwa imoto. Nakhona ibuye ishayisile, kukhona nekhondomu esebenzile phakathi. Ugcine ethumela uR3000 kuphela kodwa imali okumele ayikhokhe inkulu kakhulu ingaphezu kukaR20 000,’’ kusho uBhar. Uthe yena useziqhubela lona ibhizinisi lokuqashisa izimoto ngoba washayeka ngesikhathi seCovid-19.
Ebuzwa uShibe ngalolu daba, uvumile ukuthi uyalwazi kodwa umangele ukuthi kungani uBhar enze kanje ngoba bangabangani abadala.
“Indaba yekhondomu angiyazi, akayibuze kumshayeli wakhe lo owafika ezolanda imoto. Ngangihamba ngemoto ngashayiswa yiloli labaleka, sakwazi ululilandela salithola. UBhar bengingamtholi nasocingweni ngifuna ukukhuluma naye futhi ngiyile emaphoyiseni ukuyozwa kahle udaba. Ngikholwa wukuthi ngisazothola ithuba ngixoxe naye ngoba wumngani wami uBhar. Sisuka kude kakhulu naye,’’ kusho uShibe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo uliqinisekisile icala wathi kuyaphenywa.
“Ummangali uthi umsolwa owaziwayo uthathe imoto yakhe wahamba nayo ngaphandle kwemvume. Kube sekuvulwa icala lokushayela imoto ngaphandle kwemvume. Kumanje liphenywa ngamaphoyisa eDurban Central,’’ kusho uConstable Ngcobo.