Nokubongwa Phenyane
Indawo ka-Amos kulo mdlalo ibilingiswa ngu-Ernest Msibi manje oyingxenye yomdlalo iGomora.
Isolezwe lithole ngomthombo walo ukuthi lo mlingisi uzobonakala maduze kulo mdlalo njengoba eseqalile ukuqopha.
“Kungenzeka abe yingxenye yabalingisi abasha abazobonakala njengoba kulo mdlalo sekuqalile futhi ukubhekwa kwezinkontileka zabalingisi abasha. Bekunomhlangano nje kuleli sonto, kuzotshelwa abalingisi ukuthi izinkontileka zabo zizobhekwa kabusha abanye bazosala, abanye bakhonjwe indlela,” kuchaza umthombo weSolezwe.
Kulo mdlalo * -Amos wayeyisigebengu esalutha uNosipho (Nompilo Maphumulo) samfaka ezidakamizweni.
UNosipho wagcina esewumlutha wezidakamizwa wagcina edayisa izidakamizwa zika-Amos nokwamholela ekutheni akwelete imali eningi.
Kulo mdlalo * -Amos ubesedume ngetemu lakhe elithi Mr Butepu.
Ubuzwa umthombo ukuthi isikhala sikaSjava owayekiswa isigubhukane ukuqopha kulo mdlalo sivalwe ngubani, uveze ukuthi ababhali bomdlalo baqhubeke nabakade bekhona.
“Akekho othathe isikhala esishiywe wuSjava kulo mdlalo, kuvele kwaqhutshekwa kwaqoshwa kwayiwa phambili,” kuchaza umthombo.
UNomfundo Zondo weStained Glass, uthe okwamanje ubengakezwa ngalo mlingisi ukuthi uzojoyina umdlalo kodwa uzobheka nababhali.
Leli phephandaba seliphinda lixhumana naye ucingo lwakhe bese lungangeni lwamukela imiyalezo kuphela. Kushaye isikhathi sokushicilela engaphendulanga.