Nokubongwa Phenyane
LUZOQOSHELWA olwandle oluphakathi kwesifundazwe iKwaZulu Natal ne-Eastern Cape uhlelo iSurvivor SA, nolungezinye zezinhlelo ezintsha ezizoqala kuM-Net ngonyaka ozayo.
Isiteshi sakwaM-Net simemezele kwabezindaba izinhlelo ezintsha nezizoqala ezinyangeni eziyisithupha zokuqala ngonyaka ozayo.
Uhlelo iSurvivor alubanga bikho kulo nyaka ngenxa yezingqinamba ezidalwe yingcindezi yeCovid-19.
Ekuqaleni kwalo nyaka abasunguli balo babeveze ukuthi bazoluqophela phesheya kwezilwandle njengenhlalayenza kodwa lokho kwangenzeka.
UNkateko Mabaso ongumphathi wakwaM-Net kuleli uveze ukuthi kuyabajabulisa ukwethula izinhlelo ezifana nalezi nezijatshulelwa ababukeli babo kakhulu.
“Uhlelo iSurvivor lungezinye zezinhlelo ezenza kahle kakhulu esiteshini sethu ngakho sijabule ngokuthi luyabuya futhi inkampani eluqophayo i-Afrokaans igcine iqhamuke neqhinga lokuthi luqopheke yize bekukhona izingqinamba kulo nyaka. Esifuna ukukwenzela ababukeli bethu ukuqhubeka sibethulele izinhlelo ezikhuluma nabo ngqo, futhi ngalezi siyethemba ukuthi sizothola abanye ababukeli abasha,” kuchaza uNkateko.
Uthe okunye okubajabulisile ukwethula umdlalo omusha ozobonakala kulesi siteshi ngoJanuwari, othi Lioness, noqoshwa inkampani i-Ochre Moving Pictures.
Kulo mdlalo kulindeleke ukuthi kubonakale abalingisi okukhona kubo uShannon Esra, Jacques Bessenger, Frank Rautenbach, Nokuthula Ledwaba, Gerald Steyn, Joshua Eady, Fiona Ramsay, Natasha Sutherland nabanye.
NgoFebhuwari ezinhlelweni ezizobonakala kulesi siteshi kukhona oluqoshwe kuleli iBachelorette, nala kuzobonakala khona intokazi uQiniso van Damme, efuna uthando.
Lolu hlelo luzoqhubeka nokwethulwa uJason Greer.