INkosi Nqobani Mhlongo isukunyiswe wudaba olushicilelwe yileli phephandaba ngeSonto eledlule, luchaza ngomsindo othinta imali. Abe-The Bomb Productions bamatasa baqopha umdlalo oxoxa ngomlando weSilo saKwaDukuza uShaka kaSenzangakhona, lapho kunengxenye ekhuluma ngoNandi unina kaShaka okuyiyona esuse umsindo.
Umdlalo obhekwe ngabomvu uzoqala ukukhonjiswa ngonyaka ozayo, uqoshwa eGauteng naKwaZulu-Natal. Umdlalo ubophele abalingisi abahlonishwayo. Indawo kaNandi idlalwa wuNomzamo Mbatha. UMhlongo uzinze eVuma, eShowe emzini okuthiwa yiKwaPhuzukubona. Uthe kufanele yonke into ihambe ngohlelo nomlando uqonde kahle.
“Sihlela umhlangano nabo abomdlalo. Cishe konke uma kuhambe kahle sizobonana nabo ngesonto elizayo. Empeleni izindaba ezithinta iNkosazana uNandi kufanele zikhulunywe wumndeni wonke ngaphambi kokuthi ziphume emaphepheni. Sixoxile siwumndeni njengoba ngikhuluma nawe bayazi bonke,’’ kusho uMhlongo.
Umbiko wangeSonto eledlule ubuveza ilungu lomndeni, uMnuz Mhlathuze Mhlongo likhala ngokuxhashazwa ngabadidiyeli bomdlalo. Uthe kabanikwanga ngisho uzuka kodwa bebefuna azoshisa impepho abusise umdlalo ukuthi uhambe kahle. INkosi uMhlongo ithi udaba luhlalelwe phansi wumndeni, lwaxoxwa kwavunyelwana ukuthi akuthathwe izinyathelo ezithile.
Umqondisi womdlalo, u-Angus Gibson, ethintwa ngeSonto eledlule wayecele ukuba angaphawuli. Wathi kukhona uhlelo abanalo abazokwazisa ngalo abezindaba ngalo lonke udaba. Nakulokhu uthe uma ethintwa aziswa ngodaba wabonga intatheli ngokumthinta kodwa wangaphawula.