ISIZULU sithi ziyofa izinsizwa kusale izibongo, lesi saga sifezekile nakwinkakha yomlingisi esanda kusishiya, uMary "Mampinga" Twala.
Abantu baseNingizimu Afrika bajabule kabi ukuzwa izindaba ezimnandi zokuthi uMampinga uyingxenye yabalingisi bakuleli ababamba iqhaza efilimini kaBeyonce ethi Black Is King.
Lezi zindaba zivezwe yindodana kaMampinga, uSomizi Mhlongo-Mohale, ekhasini lakhe likaTwitter ngesikhathi efaka i-video enamanqampunqampu ale filimu.
UMampinga ubonakala egqoke imvunulo yesintu futhi ephakamisela phezulu isandla.
UMary (80) washonelwa esibhedlela eNatcare Park Lane eGoli ngoJulayi 4 kulo nyaka. KwiBlack Is King kuboshelwe uBeyonce, Jay-Z, Lupita Nyong'o, Kelly Rowland, Pharrel Williams, Naomi Campbell, Yemi Alade, Warren Masemola, Moonchild Sanelly, Nyaniso Dzedze, Nandi Madida.
IBlack Is King isuselwe e-albhamini esihloko sithi The Lion King:The Gift, nayo esuselwe efilimini yezilwane iLion King. IBlack Is King idedelwe namuhla ngoLwesihlanu emhlabeni jikelele futhi izobuye isakazwe kuleli kuM-Net.