CHARLES KHUZWAYO noSANELE NDLOVU
IZINSOLO zokuthi omunye wamakhosikazi kaMusa Mseleku wodumo loThando nesiThembu, uMbali “MaNgwabe” Mseleku, uyaphuma esithenjini, zithande ukuqina emva kokungabonakali ohlelweni nabanakwabo, iGumbi Lamakhosikazi.
Kodwa uMseleku utshele leli phephandaba ukuthi uMaNgwabe usekhona esithenjini wukuthi wayengekho, ematasa ngesikhathi kuqoshwa lolu hlelo. Uhlelo lusakazwa kwiSABC 1 ngoMsombuluko ngo-9 ebusuku.
Esiqeshini sokugcina soThando nesiThembu, kwaba nokudideka ngendlela uMaNgwabe ayengezwani ngayo nomyeni wakhe kanti noMseleku wagcina esekhalaza ngokungahloniphi kwakhe.
UMaKhumalo utshele iphephandaba ukuthi umnakwabo akazange atholakale ngesikhathi kuqoshwa isiqephu sokuqala sohlelo.
"Kwakungeke kusabukeka kahle ukuba avele kwezinye iziqephu ekubeni wayengekho kusaqalwa," kuchaza uMaKhumalo.
UMseleku uthe kufanele kucace ukuthi Igumbi Lamakhosikazi alufani noThando Nesithembu. Uthe okunye okufanele kwaziwe ukuthi uMaNgwabe ungumhlengikazi. "Ngakho uma sishutha asimtholi." Uthe nasohlelweni uThando Nesithembu ubengatholakali kalula, obekwenza avele eziqeshini ezincane kunabanakwabo.
"Umuntu obukayo akakwazi lokho ngoba usuke engachazeliwe." Uthe ukungatholakali kukaMaNgwabe ngesikhathi beqopha iGumbi Lamakhosikazi yikho okwenze bamshaya ngesithende.
Ebuzwa ukuthi kodwa yena uMaNgwabe usekhona kwaMseleku njengoba ayegcine esabise ngokulaxaza umendo.
"Usekhona. Yithi esiyonazisa uma eseshiyile. Ngeke nilokhu nisifonela. Siyobiza isithangami sabezindaba." Eqhuba uMseleku ugqugquzele Isolezwe NgoMgqibelo ukuba lifike kwaMseleku, kungazelele muntu ukuze lizozibonela ngawalo uMaNgwabe, eshabasheka emzini. Ebuzwa ngezimpawu zokudonswa wuMaNgwabe ngekhala, okuyisenzo esesiqashelwe ngabantu abaningi, uMseleku ungene ezintangeni.
"Hhayi anginakho ukuphawula ngoba akakaze wakhuluma nami ngenye indlela..." Uthe abantu abangaphendula kangcono nguMaNgwabe nomkhwekazi wakhe ngoba yibo abazi kahle ukuthi wakhuliswa kanjani nokuthi wayalwa kanjani ngesikhathi esezogana kaMseleku. "Ngisho ngoba umuntu wenza ngendlela akhuliswe ngayo," kuphetha uMseleku.
Ubuye athule uhlelo lwabafuna ukuthatha isithembu kuMzansi Magic, Umnakwethu. Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engatholakali uMaNgwabe ukuba aphawule, kwahluleka ngisho esethunyelelwa imiyalezo.