NGOLWESIHLANU esiya kulo kuyaphela ngomdlalo okhonjiswa kuMzansi Magic (161) iDiep City.
Lo mdlalo oqale eminyakeni emibili edlule ubumayelana nempilo yezintokazi ezine ezingamaphanta ezifuna ukuphila kangcono nemindeni yazo.
Angeke ngize ngande ngokuningi ngobekwenzeka kulo mdlalo kodwa ngizothanda ukuthulela isigqoko umsunguli walo mdlalo uMandla N, owenze isiqiniseko sokuthi ithalente elisha liyagqama.
Kulo mdlalo sethulelwe abalingisi abaningi akade bengaziwa njengoba babe bancane abalingisi asebezakhele igama.
UMandla ukwenze lokhu kusanda kuba nomsindo mayelana nokuthi bekulokhu kukhonjiswa abantu ababodwa emidlalweni yaseNingizimu Afrka.
UMandla ngomunye wamaciko okuqede nya obekukhalwa ngakho njengoba ethathe intsha eningi wayifaka kulo mdlalo.
Akagcinanga lapho uphinde wasungula omunye futhi umdlalo iBlack Door nokumanje uhamba phambili ngokuqokwa emcimbini wezindondo amaThe Royalty Soapie Awards.
Umlingisi weDiep City uNompumelelo Vilakazi ngonyaka odlule ukhale wemuka nendondo yeBest New Comer kumaSafta.
KwiBlack Door baningi abalingisi abasha abaqokiwe abasha ngezindawo abazidlalayo.
UMandla ngenye yezinsizwa engeke ize ilibaleke kakhulu kulo mkhakha njengoba ngingacishe ngimfanise noGibson Kente wamanje.
Siyathemba ukuthi ithimba asebenze nalo kwiDiep City lizothola amanye amathuba amakhulu njengoba sekunesikhathi kwagoqwa umdlalo.
Imidlalo emisha kuleli iyenziwa usuku nosuku njengoba ingasekho inkinga yokuthi kwenzelwa iziteshi zakoSABC noDStv kuphela, abalingisi sebenethuba lokuqopha imidlalo edlalwa koShowmax nakoNetflix la amehlo emaningi khona namathuba emakhulu kakhulu.
UMandla ngenye yezinsizwa esebenzile emkhakheni wokuqopha nokusungulwa kwemidlalo, nesithemba ukuthi akwenzile ngokugqamisa intsha enye ebihleli emakhaya, ngeke kulibaleke kalula kwabaningi.