UMLINGISI odlala indawo kaLucy Diale-kwiGenerations The Legacy, uManaka Ranaka, uyagonyuluka ngamathuba okushada. Ekhuluma kwiMoments with Mantsoe, uManaka (43) uthe yize enomuntu ahlekisana naye kodwa akaziboni eshada.
"Ngiseyimpohlwa kodwa angikho ngedwa. Kunomuntu engidlala naye. Siyahlekisana. Ngeke ngithi angikakulungeli ukuthandwa. Ngihlale ngilulungele uthando. Okwamanje ngisesendaweni lapho ngifuna ukuba yimi," kuchaza uManaka, oke walingisa kwiSidingo, Gaz’lam, nakwiRhythm City.
Uqhube wathi ukwenze konke ebudlelwaneni abeba nabo kodwa abantu abethandana nabo bebengazimisele ngokwakha umuzi naye. Uthe bebemtshela emehlweni ukuthi akadalelwe ukuba ngumfazi. Uthe obekwenza besho njalo ukuthi yena akakholelwa esikweni lokuthi indawo yomuntu wesifazane isekhishini. Uthe akakholwa wukuthi kufanele uma ebuya emsebenzini, afike ekhaya aphekele indoda ukudla.
"Akunamuntu ongangitshela ukuthi wusuku lwami lokupheka. Kumina, ngeke. Ngingenza okungaphezu kwalokho."
Uthe amanye amadoda uwenzela konke kodwa aqhubeke ayozitika ngocansi ngaphandle. "Kungcono ukube kuseyiminyaka yo-1970. Manje akusenjalo."
Uthe ngalezo zikhathi kwakunabantu ababeshada nabantu abangabathandi kodwa babegcine sebebathanda ngoba sebeshadile. Uthe uyakholelwa ekutheni izithandani kufanele zibambisane kwezikwenzayo.
"Uma ngizizwa ukuthi ngenza into ngedwa, fusegi. Kungcono ngibe yimpohlo."
Uthe umuntu wesilisa uma eza kuye kufanele azi ukuthi akasiye umuntu wesifazane ongamguqula ukuba abe yintombazane angasiyo.
"Angisiyo leyo ntombazane. Uma ungayithandi indlela engiyiyo, khohlwa. Angicabangi ukuthi ukhona umuntu wesilisa ongamelana nami. Bambalwa. Angicabangi ukuthi ukhona owesilisa ongakwazi ukungiphatha ngendlela engifisa ngayo."
Eqhuba uManaka uthe ngisho esakhula wayengakaze azibona egqoke ingubo yomshado. "Angikaze ngiphuphe ngakho. Angiziboni ngishada."
Ukhuluma kanjena nje uManaka, ubusiswe ngezingane ezintathu kwabesilisa abahlukene, okunguKatlego (21), Naledi (13) noSbongiseni (3) kanti usenomzukulu.