Nokubongwa Phenyane
INTOKAZI yaKwaMakhutha kodwa ezalelwe kwa-B KwaMashu eThekwini, uJerodine Madlala (28), osehlelweni ama-Idols SA, isiveze ukuthi ilindele ukuzuza imiklomelo emibili kulo nyaka.
UJerodine utshele Isolezwe ukuthi uzithwele yize isisu sakhe singakabonakali.
Uthe njengoba ekulolu hlelo ulindele ingane nokuhlabana ngesicoco salo nyaka.
Le ntokazi ikulabo abamele isifundazwe iKwaZulu-Natal kulolu hlelo.
NgeSonto amajaji kulindeleke ukuthi amemezele abangu-10 kubona okuzophuma ozothatha isicoco sesizini ka-16, eqale ngo-Agasti kuMzansi Magic.
“Nami kungithusile ukuthola ukuthi ngizithwele kodwa-ke ekhaya ikakhulukazi umama ungikhuthaze ukuthi akukho okwenzeka ngephutha konke kuwuhlelo lukaNkulunkulu, okuyikho okungenze ngathola umfutho ohlelweni. Akuwona umndeni wami kuphela kodwa nabo bonke esesisebenza nabo kulolu hlelo bangixhase ngendlela eyisimanga njengoba ukukhulelwa kungeyona into elula kodwa njalo ngivuka nginomdlandla wokwenza konke okumele ngikwenze ngalolo suku,” kusho uJerodine.
Uveze ukuthi yingane yakhe yesibili lena, eyokuqala wayithola esasebenza emidlalweni yeshashalazi ehlukene.
“Akukhona okokuqala ngizama inhlanhla kuma-Idols, ngake ngafika kodwa kwangangihambela kahle zisuka nje. Kulo nyaka bengiseMiami, e-USA ngesikhathi ngithola izindaba zokuthi kunenhlolokhono kulolu hlelo ngangenela, ngempela bangibiza. Ngijabule kakhulu ngebanga esengilihambile ngiyathemba ukuthi abantu baKwaZulu-Natal bazongixhasa, bangivotele ngifike lapho ngifisa ukufika khona,” kuchaza uJerodine.
Kulolu hlelo uthe akufundile kuze kube manje ngukubekezela, ukulalela athemba ukuthi yikhona okumbeke lapho ekhona manje.
“Ukukhulelwa ngeke kuze kungivimbe ekutheni ngizethembe ngiphinde ngizimisele, njalo ekuseni ngivuka ngzilolonge ngenxa yokuthi ngifuna ukuhlala nginomdlandla. Ngiyacela abantu baseKZN bangivotele,” kuchaza le ntokazi.
Kuvela izindaba zokukhulelwa kukaJerodine nje, intokazi yaseThekwini uNdoni nayo ibelethe ngenyanga edlule.
UNdoni ezokwenza inhlolokhono kwakucaca ukuthi uzithwele.