UGABE ngezinkakha zabalingisi umdlalo omusha wethelevishini iGrown Woman, ozoqala ukukhonjiswa kwi-1Magic kusuka ngoFebhuwari 3, ngo-9:30 ebusuku.
Phakathi kwabalingisi abanamagalelo ahloniswayo endimeni kubalwa noLinda Sokhulu, Hlubi Mboya noNandi Nyembe, kanti bakhona nabasathuka isisinga.
Ngokusho kukaShirley Adonisi, umqondisi wezinhlelo ezivutshelwe kuleli kwaM-Net, iGrown Woman, ikhiqizwa yinkampani iRed Pepper Pictures, kanti indikimba yayo igxile kowesifazane ongumfelokazi uTina Hlatshwayo, (olingiswa nguLinda).
“Bathi impilo iqala uma usuneminyaka ewu-40 kodwa kuTina iqala esena-49 - ngemva konyaka eshonelwe ngumyeni. Uthatha isinqumo sokuqhubeka nempilo yakhe, ngokuqoma uswahla lwensizwa ebukekayo kepha esencane kunaye.
“Kodwa, umbuzo uthi umndeni nabangani bazosamukela kanjani isinqumo sakhe?,” kuchaza uShirley.
Eqhuba, uthe uTina owaziwa ngoMrs H, ngemva kokushona komyeni wakhe uSbu, uyaphoqeleka ukufunda impilo entsha nezingane zakhe ezimbili okunguSakhile (olingiswa nguSandile Mahlangu) noNoxee (olingiswa nguBahumi Mhlongo).
“Emva kweminyaka ayichithe emshadweni, efudumalisa ikhaya futhi ebheke nomsebenzi - ubona sekuyisikhathi esihle sokuqhubeka nempilo yakhe, athole nokuthi ungubani njengoba umyeni wakhe engasekho emhlabeni.
“Ohambweni lwakhe lokuqala impilo kabusha, uhlangana nensizwa encane ebukekayo uRakwena (olingiswa nguBohang Moeko), omsiza ekutheni akwazi ukubhekana nempilo futhi omjabulisayi nasekamelweni. Umbuzo uthi abozalo bazolwamukela kanjani uthando lwabo?,” kuchaza uShirley.
“I-Grown Woman izokwenza abantu babuke impilo ngenye indlela futhi sikubheke ngabomvu ukuzwa ukuthi ababukeli bazoyamukela kanjani,” kuphetha uShirley.