UMAKADEBONA womlingisi ophinde abe ngumethuli wezinhlelo zethelevishini, uLillian Dube, uthi uyazifela ngokuya emizini yabantu akhulume nabo.
ULillian ukusho lokhu ekhuluma ngohlelo lwakhe olusha oluzomenza aye emizini yabantu abahlukene.
Lolu hlelo, i-7 Colours, uzolwethula ngokubambisana noMoshe Ndiki.
“Ngiyathanda ukuya emizini yabantu ngixhumane nabo futhi ngibheke ukuthi ukudla kwabo kunjani. Engikuthanda kakhulu ngukuqopha noMoshe. Sisebenza kahle ndawonye,” kusho uLillian odume emidlalweni okubalwa kuyo iSoul City neminye eminingi.
I-7 Colours, ezoqala ukudlala kusuka ngo-6.30 ntambama, ngoFebhuwari 17 esiteshini iHoney TV (DStv channel 173), isuselwe ekutheni abantu ngeSonto bapheka ukudla okunezidlo ezihlukene epuletini okubizwa ngokuthi; i-7 colours. Abethuli bohlelo bazohambela amakhaya ahlukene lapho abazobe behanjelwe bezokhombisa khona amakhono abo okupheka.
UMoshe, ogqame ngokwethula izinhlelo i-Uyang’thanda Na? You Promised to Marry Me nokusakaza kwiMetro FM, uthe kuyamjabulisa ukuba sohlelweni.
Muva nje ufake ivideo enoLillian bezikhiphile beyodla lapho eveze khona ukuthi umthanda kangakanani nangeqiniso lakhe.
Owengamele okudlala kwiHoney uZinzi Velelo, uthe lolu hlelo luza nento ehlukile futhi eyiqiniso.
“Sigubha usiko lwethu. Uhlelo lumnandi, lupholile futhi abantu abashintshi baba yibona entweni abayithandayo,” kusho uZinzi.