UMCULI we-Afro pop, uLetoya Makhene Pulumo, ugonyulukile ngokumenze washiya phansi ukulingisa kwiGenerations: The Legacy. Ekhuluma noDJ Sbu kwiYouTube Channel ebizwa ngeThe Hustlers Corner SA, uLetoya uthe ngeke esabuyela ekulingiseni emidlalweni ewuchungechunge ngenxa yokuthi iGenerations:The Legacy neSidingo bekudla isikhathi sakhe futhi engasakwazi nokwelapha amathwasa akhe.
ULetoya ubelingisa indawo kaTshidi owagcina ukubonakala kwiGenerations: The Legacy ephelezela uKumkani obelibangisa eParis, emuva kokudivosa nokuxoshwa esithabathabeni somuzi wakwaMoroka. Ukunyamalala kwakhe ngesizini yesikhombisa nokungabonakali nangokhalo kweyesishiyagalombili kwenza iningi lashaya amakhala. Ngokwemithombo uLetoya wanxusa abadidiyeli bomdlalo ukuba bayiqede indawo yakhe ngenxa yezizathu eziqondene naye.
"Ushiye ngoba esefuna ukugxila emsebenzini wedlozi," kusho omunye umthombo.
ULetoya uthe engabuyela ekulingiseni uma kuzoba wumdlalo ozigcawugcawu nefilimu kuphela.
“Isikhathi sami besimosheka kwiGenerations nakwiSidingo, obekungiphoqa ukuba ngenze umsebenzi wedlozi ngezimpelasonto kuphela," kuchaza uLetoya.
Ebuzwa ukuthi imidlalo abelingisa kuyo beyimholela kahle? ULetoya unyukubele maqede wahlengezela izinyembezi. Yize ewugwemile umbuzo kaSbu kodwa wathi abalingisi bakuleli basahlukumezeka.
"Bangcono nabaculi ngoba bayayithola imali yabo ngokudlalwa komculo wabo emisakazweni naseziteshini zethelevishini. Thina noma sidlala indawo ephambili kanjani noma lowo mdlalo uphindwa kangaki kodwa asitholi lutho."
Uthe yena ubengumlingisi oqavile kwiGenerations: The Legacy, eyithwele ngamahlombe futhi efukuza zonke izinsuku kodwa ubengabonelelwa. "Mina ngaphuma ebudlelwaneni obabungihlukumeza. Bengingabekezelela kanjani enye into engihlukumezayo. Yingakho ngibone kungcono ngishiye phansi, ngiyoziphilisa ngemali yedlozi."
Uthe usekhona emculweni yize engasavamisile ukuya estudiyo eyoqopha izingoma ezintsha.
ULetoya uthe wangena ebungomeni emuva kokungena ephuma ezibhedlela kodwa odokotela bengaboni ukuthi uphethwe yini. Uthe kwaze kwaba nomuntu othize owacebisa abazali bakhe ukuba bamyise enyangeni lapho kwagcina kutholakele ukuthi unedlozi elikhulu. Eqhuba uLetoya uthe wavumela phezulu ukuba alashwe ngokwedlozi futhi wagcina esindile ekuguleni okwakumxina.