UMLINGISI obedlala indawo kaNomaswazi Magwaza, u-Omuhle Gela, ushiye isigubhukane kulo mdlalo ecikwa ukuguqulwa kwesivumelwano ayesisayinile ngaphambi kokufudukela KwaZulu-Natal.
Isolezwe NgoMgqibelo lizibonele ngawalo umbhalo ka-Omuhle ku-Instagram lapho abeqinisekisa khona ukuthi usewulaxaze phansi lo mdlalo ohamba phambili kuSABC 1 phakathi nezinsuku ngo-8.30 ebusuku.
"Ngebhadi sengisithathile isinqumo sokushiya lo mdlalo ngokuphazima kweso." Njengoba imithombo yezindaba beyisiqalile ukuzithamunda ezokushiya kwakhe lo mdlalo, u-Omuhle uthe kuyiqiniso konke okushiwo ngokushiya kwakhe. "Akukho okunye engisazokwengeza noma ngikuphikise," kushaya ngezinqamulelayo u-Omuhle ojoyine Uzalo ngoFebhuwari, edlala indawo yendodakazi kaNjinji (okuyindawo elingiswa nguThembi Nyandeni).
Nenkampani eqopha lo mdlalo, iStained Glass, ikuqinisekisile ukuthi ligqabukile igoda phakathi koZalo no-Omuhle ngenxa yokungaboni ngasolinye ngesivumelwano.
"Sizonazisa ngezinhlelo ngokuqhubekayo mayelana nalokhu. IStained Glass ifisa ukuphinda ibonge u-Omuhle ngokuba yingxenye yomndeni wethu futhi simfisela impumelelo emizamweni yakhe ngekusasa," kuphetha isitatimende esenziwe ngabeStained Glass.
Le ntokazi iqale ukuzakhela ugazi ekulingiseni ngendawo kaBusi Motsamai kuMuvhango eminyakeni engu-12 eyedlule.