UKHOLEKA "Qhawekazi" Chemane, ngomunye wabalingisi bomdlalo wethelevishini othi Lingashoni okhonjiswa kwi-1 Magic. Uzobonakala maduze komunye umdlalo owuchungechunge ozokhonjiswa kwiMoja Love.
Ukhulume nentatheli yeSolezwe Ngomgqibelo uCHARLES KHUZWAYO ngezenkolo
CK: Yisiphi isigameko esakwenza wasondelana kakhulu noNkulunkulu?
QC: Ukugula kukamama wami ngenxa yezinkinga zezinso, okuyinto eyashintsha isimo ngisho ekhaya. Kwakungelula neze. Nokudlula kwakhe emhlabeni kwangivula amehlo ngezinto eziningi. Ngabona ukuthi umama uhambile kodwa uNkulunkulu, ulokhu emuhle njalo ngoba ngisaphila. Ngangingazi ukuthi kuzophileka ngisho umama engasekho.
CK: Kwaze kwabuhlungu. Ukhonza kuliphi ibandla?
QC: Ngikhonza eBuhleni bamaNazaretha. Yebo, ngikhule ekhaya kukhonzwa khona kodwa namanje ngisakhetha lona leli bandla ngoba kuningi uShembe angenzele kona.
CK: Yiliphi ivesi eliseBhayibhelini elikubusisayo futhi yini esemqoka kuwe ngalo?
QC: Eliku-Izaya 60 vesi 22. Ngilikhonzile ngoba sekukaningi ngifisa izinto kodwa zingenzeki ngesikhathi engizicela ngazo uma ngithandaza kodwa ngokuhamba kwesikhathi ngizibone sezenzeka. Ngafunda ukuthi uNkulunkulu wenza izinto ngesikhathi sakhe futhi isikhathi sakhe silungile.
CK: Emahubeni esonto yiliphi elikubusisayo futhi yini esemqoka ngalo?
QC: Isihlabelelo saManazaretha 45... "Ngamemeza ubusuku nemini awungizwanga ngani." Lesi sihlabelelo sibalulekile kimi ngoba noma kunganzima kangakanani kodwa uma ngike ngavuka ngo-12 ebusuku ngasihlabelela, kuhlaluka zonke izinkinga. Kuvele kube sengathi uJehova usuke elalele owami kuphela umthandazo ngoba ngiyaphenduleka.
CK: Sesiphetha, yisiphi isono owake wangena kuso, ozisolayo ngaso?
QC: Hahahaha...kodwa njengoba sona kangaka nje emhlabeni kaJehova ngingabala siphi, ngiyeke siphi isono? Zonke izono enginazo ngiyazisola ngazo ngoba iBhayibheli lithi uma uthi awunasono uyazikhohlisa.