UMA ungafica umyeni noma isoka lakho lizitika ngocansi nomunye umuntu wesifazane emzini wenu, baningi abangavele bahlanye, kwabanye kungaphuma isidumbu uqobo.
Kodwa uMaShenge, okuyindawo edlalwa nguThandeka Dawn King kwiDiepCity, wenze okwehlukile. Ubamba umyeni wakhe neshende oqotsheni, wehlisa umoya, wagcina edla nabo ukudla kwakusihlwa.
Umlingisi ukholwa wukuthi ukudinwa nolaka uma uzithola udayisekile othandweni, kona izinto eziningi. Umuntu ugcina kwayena engasaphilile ekhanda ngenxa yokuthatha ngokudinwa.
‘’Ukudinwa nokubhoka ngolaka kugcina kubhebhethekisa izinto, kuthi ngisho bekukhona obekungagcina kuxoxeka kodwa ngenxa yolaka, konakale unomphelo, kuchitheke nomuzi,“’usho kanje.
Ukholwa wukuthi isenzo sikaMaShenge sidinga owesifazane ovuthiwe emqondweni. Uthi ukuthatha izinto ngendlela kaMaShenge kusuke kungasho ukuthi inhliziyo yakho ayibuhlungu. Kusuke kubuhlungu ngendlela exakile kodwa ukumelana nezimo ezinzima empilweni kudinga ubuhlakani.
"Uma uvuka ngolaka wusuke ujabulisa abantu abakwenze into embi. Ukuzehlisa akuchazi ukuthi uyisilima noma khohlwa wukuthi abantu bakwenzeni kodwa wusuke ulawula isimo."
Ngaphandle kwalokhu, umlingisi useqale nomkhankaso wokugqugquzela abesifazane ukuthi babe nezindlela zokudlulisa iminjunju enhliziyweni ukuze bagweme nokhwantalala oludalwa yizinto eziningi empilweni.
Lo mlingisi uke waphumela obala ngokuhlaselwa wukhwantalala eminyakeni emibili eyedlule. Uthe abantu kufanele basebenzise namakhono abawafundiswa ezikoleni, ukunqanda ukuhlaselwa wukhwantalala.
Ukholwa wukuthi umsebenzi wezandla, usebenzisa iwuli ungezinye zezinto ezingakulamulela kukhwantalala.
"Ukukhrosha noma ukunitha noma iyiphi impahla yokugqoka kuyakwelapha. Uma uhleli ungenzi lutho wucabanga izinto eziningi. Uma uzithola unegcindezi, akube khona okwenzayo. Ziningi izinto esazifunda esikoleni ongazenza, ungalokhu uthatha ubeka. Iyona into eholela okhwantalaleni. Ukulokhu ucabangana nento encane igcina seyibankulu."
Eqhuba uthe kuba mnandi ukubona into osuyenzile ngezandla zakho, okungaba yisigqoko noma yisikhafu.
"Leyo njabulo igcina seyikwenza ukhohlwe yinto ebikuphethe kabi."
Uthe okumenze akhumbuze abantu ngokukhrosha yingoba wubefuna uMaShenge abe nento azoyenza, ukuze angabi nokhwantalala. "Useke wabonakala uMaShenge ekhrosha futhi uzolokhu eqhubeka ebonakala ekhrosha."
Uthe emakhasini akhe ezokuxhumana, uzowuqhuba umkhankaso wokufundisa abantu ukukhrosha ukuze babe nezindlela zokubhekana nokhwantalala.
Ugcizelele ukuthi abantu bangagwema izinto eziningi empilweni uma besika iphethini esenzweni sikaMaShenge.