UZOQOPHA umlando uKhuzani “Indlamlenze” Mpungose eba ngumculi wokuqala kamaskandi ukuba nohlelo olukhuluma ngempilo yakhe kuMzansi Magic.
Isolezwe ngeSonto lithole ngomthombo walo othembekile ukuthi sekuqaliwe ukushuthwa kohlelo olukhuluma ngempilo yalo mculi. Kodwa yindaba esakhulunyelwa phansi ngoba kungamele isheshe yaziwe.
Emasontweni ambalwa adlule kuthiwa ezinye iziqephu zalolu hlelo bezishuthwa endaweni yokudla, iDuke Restaurant, eThekwini.
Ethintwa uKhuzani, uqale wangena ezintangeni ngalolu hlelo kodwa wavuma ukuthi useke washutha eThekwini.
“Kuyiqiniso ukuthi impela bengishutha. Mina bengishutha i-video yeculo lami Ijele, okuyinto engeke ngiyifihle,” kusho uKhuzani.
Esexinwa ngemibuzo uKhuzani, kuqinisekiswa ukuthi ubeshuthela uhlelo lwethelevishini, ucele ukuthi kuxhunyanwe nabebeshutha yibona abangacacisa.
Uphrojusa wohlelo, uSibonga Mhlungu, ukuqinisekisile ukuthi kunohlelo lwethelevishini oluthinta umaskandi oluzayo.
“Ezinsukwini ezizayo sizokwazi ukukhipha yonke imininingwane ngohlelo,” kusho uMhlungu.
Usho kanje uMhlungu maqede wathumela isithombe sikaKhuzani enoTshatha noZimdollar kodwa wangachaza lutho ngaso.