USEQALILE ukuqopha iziqephu azovela kuzo umlingisi womdlalo oyintandokazi, Uzalo, uThulani Shange, obeseshiyile kuwo. Lo mdlalo uhamba phambili nezibalo zababukeli, udlala ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ngo-8.30 ebusuku.
UThulani, odlala indawo yendodana Khathazamanyamadoda Khanyile, washiya kanye noSizwe Khumbuza. Isolezwe ngeSonto lithintwe wumthombo walo okhininda izindaba zoZalo, wathi maduze nje uThulani uzobonakala kuthelevishini.
Kuthiwa abaqondisi nababhali bahlanganise iqhinga lokuthi uzobuyiswa kanjani ngoba kwakuthiwe ushonile ngokomdlalo, kodwa kuzocaca khona esevela. Asicacanga isizathu sokushiya kukaThulani ngoba wayebonakala eyintandokazi kubabukeli.
Umthombo ukuqinisekisile nokuthi uZuluboy uzobonakala futhi uyaqopha kulo mdlalo emuva kokuvela phambilini wabuya wanyamalala.
“Uqalile ngisho ukuqopha lowo muntu, awuyazi indaba engaka yokubuya kukaThulani? Nizombona maduze nje, futhi umbuzo omkhulu uthi uzobuya kanjani ngoba wahamba eshonile ngokomdlalo. Ukhona uZuluboy naye uyaqopha uzovela maduze emasontweni azayo’’ kusho umthombo.
Uqhubekile wagobhoza izindaba zoZalo wathi luklelise nabanye abalingisi okufanele bavele maduze abazokwenza umdlalo ube mnandi. Kubalwa uBig Zulu oculayo, uMike Mvelase owaduma ngoCappela kwiGenerations.
Kuke kwaphatheka negama likaSjava kodwa akwangacaca ngendawo yakhe njengoba kwavela ukuthi bayamchitha ngenxa yodaba lwezinsolo abhekene nazo zokunukubeza owesifazane.
Umthombo uthi kusazoba khona iziqephu lapho kuzovela impilo yasehostela nezinkabi ezishisa inganono.
Okhulumela Uzalo uNomfundo Zondi, akakuphikanga ukubuya kwabalingisi, uphoswe imibuzo ngodaba ngoLwesithathu, wacela ukuba anikwe isikhathi kodwa wagcina engaphendulanga. Uthe uma epheshwa eduze ngemibuzo wathi usesemhlanganweni ucela ukubuye ashaye kodwa lutho.