CHARLES KHUZWAYO
ULINDA Sebezo ongumlingisi emdlalweni iThe Black Door, ukhuthaze amadoda anenkinga yokuvukelwa ngenxa yokugula ukuba avumele amakhosikazi azitike ngocansi namanye amadoda yize eshadile.
Ekhuluma noDJ Sbu kwiHustler's Corner, uLinda uthe yilelo vangeli abalishumayelayo ngomdlalo wethelevishini iThe Black Door.
"Uma singabheka ngeso lokuthi sivikela imindeni, sizowuqonda nalo mdlalo. Uthole ukuthi awujabuli endlini ngoba unoshukela. Kunokuba umfazi wakho akudivose, kunganjani ayothola izinto ezithize ngaphandle, abuye ekhaya esesula umlomo. Kuthulakale kuthi, du!" kubuza uLinda.
Uthe emandulo indoda yayihamba iyosebenza ezimayini, asale umfowabo omncane ayikhulelisele umkayo.
"Uma umfazi wakho esemithi, umama akubize athi shesha khona isifo esikhona ekhaya. Wayenzela ukuthi ulale nomfazi wakho ukuze kuthiwe uma sekuqhamuka ingane, kuthi noma ingafani naye kodwa kuthiwe le ngane ifana nomkhulu noma ifana nobani bani, wakhona emndenini. Lapho-ke sijabula sonke,“ usho kanje umlingisi.
Uthe iThe Black Door kufanele ibukelwe yizingane ukuze zifunde ngocansi zisencane ukuze zingaxhashazwa ngomalume nezinye izigilamkhuba ngenxa yokuthi azazi lutho. Uthe useneminyaka ewu-42 eyibambile ekulingiseni kodwa indondo yakhe yokuqala uze wayithola eseneminyaka ewu-36, ekule ndima. Uthe indawo ayilingisayo ayifani naseke wayilingisa phambilini. Uthe ubeqala ukulingisa indawo yokukhala aze abe nesilokozane. Echaza uthe usuke ekhaliswa ukufa komzukulu wakhe kade ehlose ukubulala omunye umuntu.
"Ayikaveli leyo ndawo kodwa abantu basazoyibona. Bengithi nje angikhe phezulu."
Uqhube wathi abantu bazitshela ukuthi uyazifela ngabafana abancane kanti akunjalo, yindlela anekhono ngayo.
ULinda uthe empeleni yena ungumama ohloniphekile kwakhe. Unendodana eyodwa nezinye izingane azikhulisa njengomzali wazo. Ubonge kakhulu umufi uGibson Kente, wathi nguye owamqeqesha waze waba yilo Linda, asenguye ekubeni engalubhadanga esikoleni sokulingisa.