UKLELISWE nabanye abazobonakala kwisizini yesibili yeReal Housewives of Durban (RHOD), udadewabo kaDJ waseThekwini.
Ziyaqina izinsolo zokuthi uZekhethelo Shozi, ozibiza ngoMissShozi kwi-Instagram nonabalandeli abangu-139 000, angase abeyingxenye yalolu hlelo oluzobuya ekuqaleni konyaka ozayo.
Ngokusho komthombo osondelene nohlelo kodwa ongathandi ukudalulwa, impela kubukeka sengathi ungomunye wabafazi abazobonakala kwisizini yesibili.
“Zikhona iziqephu eseziqalile ukushuthwa njengoba sikhuluma nje. Isizathu esibenza bangakwazi ukudalulela abalandeli babo, labo abayingxenye yohlelo, wukuthi basayiniswa inkontileka ebanqabelayo ukuthi baveze le mininingwane singakashayi isikhathi sokuqala kwesizini yesibili,” usho kanje.
Phambilini kuvele izindaba zokuthi u-Ayanda Ncwane, obengomunye abebekulolu hlelo, uhoxile ngoba ethi inhloso yakhe yokungena kulona akayiboni ifezeka kunalokho iRHOD, imbeka njengomunye umuntu kubabukeli.
Yize enenqwaba yabalandeli uZekhethelo futhi kubonakala emakhasini akhe ezinkundla zokuxhumana, ukuthi uphila impilo entofontofo kodwa akuqondakali ukuthi ushadile noma cha.
Imizamo yokuthola uZekhethelo, ukuze aqinisekise lezi zinsolo ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe bengulabanjwa nemiyalezo ayithunyelelwe engayiphendulanga.
Ngokusho kwabakaShowmax nokuyilapho lukhonjiswa khona lolu hlelo, abazobonakala kwisizini yesibili bazomenyezelwa maduze.