UMLINGISI weHouse of Zwide futhi ongumsakazi weGagasi FM, uKhaya Dladla, ugeqe amagula okokuqala ngokugqabuka kwegoda phakathi kwakhe nomyeni wakhe, uMercutio Buthelezi.
UKhaya noMercutio bahlukane ngoJulayi nyakenye emuva kokuthembisana umshado e-Ocean Reef Hotel eZinkwazi, enyakatho yeTheku ngo-Okthoba 2020. Ngaleso sikhathi uKhaya ubenqaba ukuphawula emithonjeni yabezindaba ngokwehlukana kwabo nangembangela eholele ekugqabukeni kwegoda.
Ekhuluma kwiLungelo KM Podcast, uKhaya uthe wayengafuni ukuphawula ngoba wayengacabangi ukuthi kunomuntu ayemkweleta incazelo, ngisho nezihlobo zakhe.
"Ngangijabula phambi kwabantu kodwa ngidliwa wumzwangedwa sengingedwa. Kwakukuningi okwakungaveli kulobu budlelwano. Angicabangi ukuthi kukhona ababebona imifantu ebudlelwaneni bethu." Uthe bakhona abantu ababeyingxenye yabo ababebona. Uthe nakuba kunobudlelwano okumele buphele kodwa wabulwela lobu bakhe beminyaka emihlanu noMercutio ukuba bungapheli.
Eqhuba uthe emuva kokuba sebuphelile, waya kudokotela owelapha ngokwezengqondo ukuze azi ukuthi ngubani owaba nephutha. "Kuyenzeka ngikugxobe ngibe ngingazi ukuthi ngikugxobile."
Uthe wafana nomuntu owadlala ngemali ngokuya kungoti ngoba abamtshela khona akakukholwanga.
"Yingakho ngingacebisa abantu ukuthi kunokuya kwi-therapy, mina ngingathi kungcono uyopotozwa. Uma utshelwa ukuthi wathatha isithombe sendoda yamaphupho akho wafuna ukusinameka komunye umuntu ongafanele, yiphutha lakho lelo."
Uthe akaliboni iphutha kuye ngoba abanye abantu beza kuwe ngoba bebona indawo oyilingisa emdlalweni kanti yena akakwazi ukuhlala elingisa ngoba ubuyena bugcina buvelile.
UKhaya unxuse abantu abathandanayo ukuba bangabufihli ububona ngoba kuyoba kubi uma sebuvela.
"Yiba nguwe, ungazami ukuchaza mina uze ukhohlwe ukuziveza ubuwena."
Uthe akazisoli ngokuba kulobu budlelwano ngoba wafunda lukhulu ngabo nangaye uqobo. UKhaya ulingisa indawo kaLazarus kwiHouse of Zwide, umethuli wohlelo lwantambama kwiGagasi futhi wethula uhlelo i-Our Perfect Wedding, kuMzansi Magic.