CHARLES KHUZWAYO
UKHANYI Mbau uthi abathandi bezincwadi zikaDudu Busani-Dube, bazobhema bekholwe njengoba kuzoqala iThe Wife Season 2 (Zandile The Resolute) kwiShowmax.
UKhanyi, olingisa indawo eqavile kaZandile, uthe ujabule kabi ngokuvezwa kwalo mdlalo ozigcawugcawu ngoFebhuwari. Uthembise ababukeli ukuthi bazochazeka ngenxa yolimi lwabo olumnandi.
“UFebhuwari yinyanga yothando, (uZandile noNkosana) banothando. Bafeza isifiso sabo kusukela ekuqaleni, ngisho nasejele. UNkosana unobunkondlo, ngendlela acikoza ngayo nangendlela adlulisa uthando lwakhe kuZandile. UNkosana wenza ulimi lwesiZulu lube-romantic. Ulwenza kube sengathi olwesi French," kusho uKhanyi oseke wabonakala kuZalo, Unmarried, naku-Happiness Is A Four-Letter Word.
Uthe ukulingisa indawo kaZandile bekungelula neze ngoba imphonsele eningi inselelo.
"Akasiye umuntu ovulelekile. Ngisazama namanje ukuthola ukuthi uwuhlobo luni lomuntu? Uyabanda qa, uyinkomo edla yodwa futhi uphila impilo engekho. Akakhali. Ukhuluma ngendlela eyodwa. Akakaze wakhulumela phezulu. Uyangisabisa futhi nababukeli uzobasabisa ngoba ubukeka ewumuntu ongaqondakali."
Uthe uZandile awusoze wamqagela ukuthi ucabanga ukwenzani ngakusasa.
"Iyodwa into engiyithanda ngaye, ukuthi unothando olujulile njengelomyeni wakhe."
Yize uKhanyi noZandile bengamanzi nopharafini kodwa bangabangani ngenxa yokuthi bayayithanda ingqephu.
"Bengaya bobabili kokhithiza izimpahla zokugqoka esitolo. NjengoKhanyi, ngiyabona ukuthi kungani ngidlaliswe le ndawo, indlela engibukeka ngayo."
Indawo kaNkosana ilingiswa yinsizwa yaKwaZulu-Natal, uMondli Makhoba, esike yadlala kuMkhokha, Generations The Legacy nakuZalo. UZandile yintokazi ebisidonse iminyaka eyishumi ejele ngecala lokubulala unina ngesikhathi uNkosana eyikhipha ejele.
Ukuba ngaphandle kwakhe kuwumqansa kodwa akulingani nenselelo abhekene nayo njengoba efuna ukubuyisa uthando ezazimthanda ngalo izingane zakhe. Uzama ngayoyonke indlela ukwakha kabusha umshado wakhe.
Kuzokhumbuleka ukuthi uHlomu (okuyindawo elingiswa nguMbalenhle Mavimbela) nguyena obeyingqungqulu eshaya amaphiko ngesikhathi uZandile esaboshiwe. Abanye abalingisi abazobonakala ku-Season 2, ngoLerato Mvelase, Bonko Khoza (Mqhele), Abdul Khoza (Nqoba), Zikhona Sodlaka (Mandisa), Kwenza Ngcobo (Qhawe) noSipho Ndlovu (Sambulo).
Nakule-season, kulindele ukuba kuchwaze ezinkundleni zokuxhumana njengoba kwenzeka kuHlomu The Wife. Impikiswano yaqutshulwa ukungafani kwezihloko ezidingidwa emdlalweni nezidingidwa ezincwadini zikaDudu.
Abanye babethi awudutshwe lo mdlalo ngoba ucekela phansi ikhono likaDudu kodwa abanye bethi umnandi unjalo. Baphoqeleka abadidiyeli ukuba bachaze ukuthi umdlalo ususelwe encwadini kodwa awuzofana ncamashi nokubhalwe ezincwadini.