UKHANYI Mbau, olingisa indawo ephambili kwisizini yesibili yeThe Wife kwiShowmax usephumele obala wagxeka lo mdlalo.
UKhanyi udlala indawo kaZandile othandana noNkosana Zulu (Mondli Makhoba) ongomunye wezelamani zakwaZulu ezisatshwayo ezisebhizinisini lamatekisi, uthe kunezikhalo ngesizini yesibili yalo mdlalo ofike nedumela wathi sekuyisikhathi sokuthi akhulume ngayo ngoba uyazibona.
“Siniphoxile, asininekezanga enikulindele. Uthando phakathi kukaZandile noNkosana yinto ebesifuna ukuyibona sonke,” kubhala uKhanyi ekhasini lakhe leTwitter.
Uthe isizini yokuqala ibinothando, owesifazane oshadile okumele aluthole kumyeni kwakhe futhi ababukeli babone kuqala kuze kube bayashada.
“Kwisizini yesibili kodwa asilubonanga uthando nobungani kuZandile noNkosana futhi yingakho nonke niphoxekile, nami ngokunjalo.”
Uthe lo mdlalo ugcwele kakhulu ubugebengu, iziqephu zasejele, abantu abadukayo, esikhundleni sokuthi uveze ukuthi owesilisa nowesifazane bathandana kanjani.
IThe Wife isuselwe encwadini kaDudu Busani-Dube, iHlomu Series. UKhanyi uthe encwadini kuvela uthando lukhuluma ngokubekezela nokunqoba, yingakho bephoxekile.
“Ngiyanizwa nonke. Cabanga mina ngizizwa kanjani ngokudlala uZandile emuva kokwenza ucwaningo ngaye? Aninodwa. Nami ngifuna ukuyibona le ndaba yothando.”
Uthe uyakubonga ukwesekwa ngabantu, wathi kusho lukhulu kuye njengomlingisi.
Kusukela lo mdlalo waqala abantu abafunda incwadi, bahlale bekhala ngokuthi izinto azihambi ncimishi njengoba kwenzeka encwadini. Abanye baze baveza ukuthi sebancamela ukungawubuki.