UKUBA nothando lokusiza umphakathi komsakazi weVuma 103 FM, uJacinta Ngobese, kuhehe umculi obuye abe ngumphathi wezinhlelo zethelevishini, uZola 7 ukuthi basebenzisane.
UJacinta uthe ubecelwe wuZola 7 ukuthi enze i-video yalo mculi embuza ngomsebenzi wakhe. Lokho uthe kugcine sekuholela ekutheni baqale izinhlelo zokuthi babe nohlelo lwethelevishini besiza umphakathi.
“Ngesikhathi ngixoxa noZola, uthole ukuthi nami nginomqondo ofanayo nowakhe. Ungicele ukuthi asibe nohlelo lwethelevishini esizolwenza naye sisiza umphakathi. Lokho kungijabulisile kakhulu ngenxa yokuthi ngiyawazi amagalelo kaZola kwithelevishini esiza umphakathi. Njengamanje sesivumelene ngokuthi sibe nalolu hlelo, sekusele ukuthi siqale ukuluqopha. Lokho kuyithuba eliyingqayizivele kumina ngoba angikaze ngibe nohlelo lwethelevishini, kuzobe kungokokuqala. Nabantu bakhombise ukukuthokozela ukuthi kukhona esikuhlanganisa noZola 7. Lokho ngikubone ngendlela ababe baningi ngayo abantu abaphawule emakhasini ami ezinkundla zokuxhumana ngesikhathi ngiveza ukuthi sihlanganisa uhlelo lwalolu hlobo naye,” kusho uJacinta.
Uthe ngokwezinhlelo zabo bahlele ukuthi basize abantu ezintweni ezahlukene besebenzisa uhlelo lwethelevishini.
UZola wake waba nohlelo lwethelevishini olwalubizwa ngeZola 7 kuSABC1, lapho ayesiza khona abantu ezinkingeni ezahlukene. Muva nje uke waba nohlelo olufanayo kwiMoja Love.
UJacinta uthe yize engakaze abe nohlelo lwethelevishini kodwa uyaziwa ngokusiza umphakathi waKwaMashu ezintweni ezahlukene.
“Muva nje abantu sebeze bangibize ngemeya yaKwaMashu ngenxa yosizo engibanika lona. Noma kukhona into ebaphethe kabi endaweni bayibikela mina. Njengoba iningi belithwele kanzima ngenxa kathaqa, abanye bebefika ngisho ekhaya becela ukuthi ngibaphe amaphasela okudla. Lokho kwenze ngabona ukuthi usizo lwami luyaqapheleka emphakathini,” kuqhuba uJacinta.
UJacinta ushayela iKwasuka Lokho Drive kwiVuma 103 FM, kusuka ngo-3 kuya ku-6 ntambama phakathi nezinsuku.
UZola 7 ukuqinisekisile ukuthi bahlanganisa uhlelo lwethelevishini noJacinta. “Sixoxe noJacinta emasontweni amabili edlule, sivumelene ngokuba nohlelo lwethelevishini naye. Sihlele ukuqala ngokulishutha ngaphambi kokuba siluyise eziteshini zethelevishini ngoba eziningi zifuna wenze kanjalo,” kusho uZola 7.
UJACINTA Ngobese noZola 7 abahlela ukuba nohlelo lwethelevishini olugxile ekusizeni abantu ezintweni ezahlukene Isithombe: SITHUNYELWE