UMLINGISI waseThekwini uKay Sibiya uthi kuyamjabulisa ukubuyela kuleli dolobha njengoba kusuka namuhla ezoqala ukubonakala kwiMbewu.
UKay uqale ukugqama kwithelevishini ngesikhathi edlala kuZalo kuSABC 1 ngesikhathi luqala lapho ayelingisa khona indawo ka-Ayanda Mdletshe.
Kusuka ashiya usedlale emidlalweni ehlukene okubalwa kuyo iThe Wife muva nje, iThe Queen, Agent neminye.
Ekhuluma ngokujoyina kwakhe Imbewu, uthe abantu bazobona okuningi okuzobamangaza.
Kulo mdlalo okhonjiswa ngo-9.30 ebusuku phakathi nesonto ku-e.tv, uzodlala indawo kaNkululeko Bhengu. UNkululeko, wumlingiswa odlalwa nguSandile Mchunu okuthiwa kukhona ukungaboni ngaso linye okube khona phakathi kwakhe nabadidiyeli wase eyashiya.
“Ngeke ukholwe ukuthi emizuzwini emibili edlule bengibuka izibalo zakwaBRC SA (Broadcast Research Council of South Africa) ezithi Imbewu ingeyesibili ukubukwa kakhulu kwi-e.tv ngemuva kweScandal! Lokhu kukhombisa ukuthi umdlalo wenza kahle kangakanani. Uzalo nalo lwenza kahle nokuveza ngokusobala ukuthi imidlalo yaseThekwini iseqophelweni eliphezulu.”
“Kuyangijabulisa ukubuyela eThekwini ngibone ukuthi imboni isikhule kangakanani. Ngesikhathi ngihamba eThekwini kwakunomdlalo owodwa kodwa manje miningi nokudala amathuba amaningi omsebenzi kubantu. Abanye esasiqale nabo sebekhulile bangabaqonidisi, abanye abaqale behlanza indawo yokuqopha bangabadidiyeli nokuyinto enhle.”
Uthe njengoba kuqala isizini yesihlanu yeMbewu, kuningi okuzokwenza ababukeli bangasuki phambi kwamathelevishini abo.
“Kuningi okuzomangaza abantu, angifuni ukukhuluma okuningi kodwa bazobona,” kusho uKay.
Kulezi zinsuku uNkululeko uphenya ngokufa kukanina futhi sekuseduze athole izindaba ezizomshaqisa.
NgoLwesihlanu lo mdlalo ubugubha ukudlala kwesiqephu sika-1000.
UHelga Palmer oyiNhloko yemidlalo yakuleli kwa-eMedia uthe bayaziqhenya ngalokhu futhi bajabule ngokwesekwa ababukeli.
“Sinethemba lokuthi sizogcina ababukeli bejabule ngezinye iziqephu ezimnandi.”
Akuqali ukuthi kwiMbewu indawo yomlingisi othile ithathwe ngomunye umlingisi. Phambilini indawo kaMadonsela yayidlalwa nguFundiswa Zwane ngaphambi kokuthathwa nguBrenda Mhlongo.