Nokubongwa Phenyane
UFUNA ukushintsha indlela inkolo ebukwa ngayo, umsunguli womcimbi amaCrown Gospel Music Awards, uZanele LaMbokazi Nkambule, ngoMgqibelo owethule inkampani yakhe iPowerhouse Productions.
Le nkampani yethulwe kwabezindaba ngoMgqibelo, eHillcrest.
UZanele uthe ngayo uhlose ukukhiqiza izinhlelo, imidlalo yethelevishini nokunye okuzobuyisa isithunzi sabazalwane nabefundisi.
“Ngesikhathi sikathaqa ngihlale phansi ngicabanga ukuthi le nkampani ngizokwenza kanjani ukuthi isebenze. Ngenze konke ebengikucabanga ngayo, ngase ngibona ukuthi konke sekuhamba kahle yingakho ngizoyethula kinina namhlanje. Ngayo ngihlose ukubuyisa isithunzi senkolo namaKhrestu. Kukhona into esingeke siyifihle ukuthi amakholwa kukhona okubi nokuyihlazo akwenzayo kodwa ngale nkampani ngizoveza okuhle akwenzayo. Maduzane izinhlelo esizoziqopha zizokhonjiswa esiteshini sethelevishini iZanele Mbokazi TV engizomemezela izinhlelo zaso maduze,” kuchaza uZanele.
Akagcinanga ngokwethula inkampani kodwa uphinde wamemezela isikole sakhe iMy Turnaround Academy, esizofundisa intsha ngemikhakha ehlukene yamabhizinisi.
Uthe abafuna ukufunda bazofunda noma bekuphi emhlabeni njengoba konke kwenziwa online.
Uveze ukuthi manje yisikhathi sokushintsha intsha izenzele imali isebenzisa izinkundla zokuxhumana, bese naye eyichushisa ukuthi wangena kanjani kulo mkhakha njengoba esehlela imicimbi.
“Kukhona abantu abenza imali enhle besebenzisa amakhasi abo ezinkundleni zokuxhumana, abanye bafuna ukwenza uhlobo lwemicimbi efana nalena, kulesi sikole ngizobafundisa lokho,” kuphetha uZanele.
Emcimbini bekukhona osaziwayo abehlukene.