Nokubongwa Phenyane
Kuzogqama kulo usomabhizinisi waseMtubatuba uLucky Gumbi oganwe ngamakhosikazi amabili uBayede noNombuso.
ULucky waba sematheni ngesikhathi kusabalala izithombe zakhe ezinkundleni zokuxhumana ekhehla uNombuso emcimbini owawuseMtubatuba.
Ngemuva kwalokho umshado wabo omhlophe, owawuseBallito, nawo waba sematheni. Kuwo kwakunandisa abaculi abadumile okukhona kubo uDumi Mkokstad, Vusi Nova, DJ Sithelo, DJ Kotini nabanye.
Uhlelo lomshado lwaluphethwe wumsakazi woKhozi FM uKhathide Ngobe.
Isitatimende esithunyelelwe abezindaba esiphuma kwaSABC1 sithe akukho okuningi abazokuchaza okwamanje ngohlelo, okuningi bazokuveza uma sekusondele usuku oluzoqala ngalo. Kulindeleke ukuthi luqale ngoNovemba.
UPhillip Mabitsela wakwaSABC1 uthe kuzoqhakanjiswa ukuthi umndeni, odla kahle, uyigcina kanjani impilo yawo.
“Njengoba bengabantu asebaziwa emphakathini bazoveza ukuthi babhekana naziphi izigqinamba uma besemphakathini nokuthi baze babe la bekhona nje yini akade beyenza. Bahambela amazwe ahlukene emhlabeni beshaywa wumoya njengomndeni. Akuzogcina ngalokho zizoba khona nezigqinamba zempilo yesimanje abayiphilayo kodwa kukhona nendlela yesiko okumele bahambe ngayo, kuningi nje okuzokwenza abantu bajabulele lolu hlelo,” kuchaza uPhillip.
Bazokhombisa ukuthi babambisene kanjani emshadweni yize kunezilingo zakhona. “Ukushuthwa kohlelo kuzogxila kakhulu ezindaweni ezigudle ugu enhla yesifundazwe iKwaZulu-Natal, nasemazweni aphesheya okukhona kuwo iDubai,” kuphetha uPhillip.
Inkosikazi yesibili uNombuso ibinabalandeli abaningi enkundleni yokuxhumana i-Instagram kodwa yagcina ngokuwuvala ngenxa yokuthi kukhona akade sebeqola ngegama lakhe.