Nokubongwa Phenyane
BAZOBONA olunye uhlangothi lukaKhanyi Mbau, abantu uma sekuqala uhlelo olukhombisa ngempilo yakhe, iMbau Reloaded: Always Rise oluzokhonjiswa kwiBET Africa (DStv 129).
Lolu helo luzoqala ukubonakala kulesi siteshi ngo-Okthoba 10, ngo-7.30 ebusuku.
UKhanyi kubantu ozichaza njengomuntu owakhiwe ngobuciko, uzochaza konke ngembangela yokushintsha umzimba wakhe.
Ngokwesibili uKhanyi esebenzisana nalesi siteshi.
Iningi labantu uKhanyi limazela ezinkundleni zokuxhumana, emsakazweni nakwezinye izinhlelo zethelevishini kodwa abazobuka lolu hlelo bazobona ubudlelwane bakhe nendodakazi yakhe uCannes, angakhulumi ngayo kakhulu.
Echaza ngalolu hlelo uKhanyi uthe kulona kuzogqama yena, indodakazi yakhe nodadewabo uThandeka nomngani wakhe, indodana kadadewabo uMcunu nomngani wakhe * -Alina.
“Okungijabulisa kakhulu wukuthi ngibe nobudlelwane nesiteshi sakwaBET Africa futhi. Lolu hlelo luzonikeza ababukeli balo okwenzeka empilweni yami ngempela nokunye okuningi engikwenzayo. Ngiyaziqhenya kakhulu ngokuthi kulolu hlelo ngisebenze nabesifazane abaningi abebeqopha benza neminye imisebenzi kulona. Ngiyabamema abantu ukuthi bahambe nami kulolu hambo bangezwa ngabantu izinkulumo ezingekho,” kuchaza yena.
UMonde Twala wakwaViacomCBS Networks Africa, uthe kubajabulisile ukusebenza noKhanyi kulolu hlelo.
“Ngomunye umlando lo wokuxoxa ngempumelelo yomuntu omnyama. Sike sasebenza noKhanyi ohlelweni iThe Big Secret isizini yokuqala eyaba yimpumelelo. Siyathokoza ukuphinde sinethulele uhlelo oluzojabulisa abantu base-Afrika. Sifuna ukukhulisa lesi siteshi ngokugxila ezinhlelweni ezizokhuthaza intsha ehlukene,” kuchaza uMonde.
Uhlelo uthe luzokhonjiswa iziqephu ezingu-13.
Kuqala lolu hlelo nje abakwaBET bebesanda kukhombisa okulaBoity Thulo, nalo obeluveza impilo yakhe.