Nokubongwa Phenyane
IZIHLOKO ezisematheni eNingizimu Afrika nasemhlabeni jikelele okukhona kuzo ezithi Are men trash?, #BlackLivesMatter nezithinta isithembu yizona ezizohamba phambili ohlelweni oluzokwethulwa nguPhat Joe iCheeky Palate oluzoqala kwi-1Magic ngoLwesihlanu ngo-7 ebusuku.
UPhat Joe, obese kunesikhathi enyamalele kwithelevishini, uzohlala phansi nosaziwayo, osopolitiki, abantu asebezakhele udumo ezinkundleni zokuxhumana bamungunye izihloko ezehlukene.
Uhlelo luzokhombisa iziqephu eziwu-13. Ngaphandle kukasaziwayo azobe exoxa naye uPhat Joe kuzobe kunabanye abazobe behlanganyele engxoxweni babuye bazijabulise ngezidlo ezehlukene.
Umqondisi wezinhlelo eM-Net, uNomsa Philiso, uthe ababukeli bangalindela abantu abaziwayo abazobheka izihloko ezisematheni nezikhathaza umphakathi.
“Izihloko ezehlukene kodwa okuhlale kukhulunywa ngazo emphakathini yizona ezizobe zibhekwa. Ababukeli bethu abakhokhela iziteshi zonke zeDStv nabanye abanaso isiteshi, yibona abazojabulela kuqala lolu hlelo. Singasho ukuthi kuzoba khona nobumnandi njengomculo. Kuzobonakala abantu abaningi abasemkhakheni wobumnandi,” kusho uNomsa.
Kosaziwayo uPhat Joe azohlala nabo phansi kukhona uShauwn Mkhize, Hlomla Dandala, ilungu le-EFF uLeigh-Ann Mathys, isangoma esidume ngoGogo Dineo nosomahlaya uCeleste Ntuli.
Isiqephu sokuqala esizobe sithinta ubungoma, uPhat Joe uzobonakala nosomabhizinisi wesifazane uNobuntu Webster, umethuli wezinhlelo uGerry Rantseli-Elsdon, Gogo Dineo, Joshua Maponga nomculi uZwai Bala abazokhuluma ngezinto ezehlukene ezithinta ubungoma.