BUCHITHEKE bugayiwe phakathi komrepha u-Anatii, nengoduso yakhe emva kokuba esethole uthando olusha.
Kusolwa ukuthi umrepha usethandana nesiphalaphala somlingisi uPearl thusi, waseThekwini. Kuthiwa uthando luvutha amalangabi.
Kuthiwa umrepha ubematasa namalungiselelo omshado nobeyisithandwa sakhe seminyaka, obekulindeleke ukuthi ziwushaye maduzane.
Kuthiwa izinto ziphenduke esiswini njengotshwala ngemuva kokuthi aqale ukuba nobudlelwano bothando noPearl. Sekuphele izinyanga ezingaphezulu kwezinhlanu osaziwayo bethandana ngokusho komthombo osondelene nabo.
“Babonakala bechitha isikhathi ndawonye oPearl no-Anatii. Yize besafihla emphakathini, abangani babo abasemkhakheni wezokungcebeleka bayazi ngothando lwabo.
“U-Anatii unqume ukushiya isinqandamathe sakhe ngoba egajwe uthando lukaPearl,” kusho umthombo.
Imizamo yokuthola uPearl no-Anatii ayiphumelelanga njengoba izingcingo zabo bezikhala zingaphendulwa. Imiyalezo abathunyelelwe yona intataheli yephephandaba kuze kwashaya isikhathi sokushicilela bengayiphenduli.
Kuzokhumbuleka ukuthi uPearl wagxeka uBonang ngokuqoma u-Aka, ekubeni ekhulelise umngani wakhe uDJ Zinhle.