UNELISA Mchunu, ozakhele udumo esadlala indawo kaFikile emdlalweni wethelevishini Uzalo, usephenduke inyama emkhakheni wezokulingisa. Le ntokazi edabuka eWartburg, eMgungundlovu, inekhono lokulingisa emidlalweni ehlukene.
Akuvamisile ukuthi umlingisi asuke emdlalweni owuchungechunge, adlulele kowamahlaya nakonezigameko ezihlasimulisa umzimba kodwa uNelisa ufike angene khaxa kuyona yonke.
Uthe okumenza ahlale ematasatasa ulwazi aluthekela esikhungweni semfundo ephakeme futhi kumjabulisile ukungena endimeni yokulingisa imidlalo ehlukahlukene ngoba uyayithanda inselelo.
Umlingisi waqala ukubonakala kuthelevishini ohlelweni Isidingo ngo-2015, emuva kwalokho wavela kuZalo washiya khona, wabonakala kwiGenerations: The Legacy, nakwiSes’Top La.
Uthe okwenza abonakale ezinhlelweni ezahlukene ngesikhathi esisodwa ukuthi imidlalo iqoshwa ngezikhathi ezihlukene yingakho ekwazile ukuyijona.
Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, uNelisa uthole ithuba lokukhombisa izinga lakhe njengomlingisi ngesikhathi edlala indawo kaBazothini ohlelweni lweMzansi Magic, olubizwa ngeSifiso.
“UBazothini uhluke kakhulu kunoma iyiphi indima engake ngalibamba, ngijabule ukukhombisa abantu ukuthi ngiyakwazi ukudlala izindawo ezahlukene” kusho uNelisa.
Uthe wakujabulela ukusebenza noChris Q Radebe odidiyele umdlalo, uthe wenze umsebenzi oncomekayo kakhulu.
"Ngiyawazi umsebenzi wakhe kusukela sisobabili ku-Uzalo, bonke abalingisi abakhethwe kwiSfiso banekhono futhi basebenza kanzima."
UNelisa uthe ukulingisa kwakhe uPhumzile kuSes’ Top La, noFikile kuZalo kuhluke kakhulu kunalokhu akwenzayo njengamanje kwiSfiso.
"UBazothini ngumuntu ononya futhi obulala abantu kanti uPhumzile noFikile amantombazane nje aziphilela impilo ejwayelekile futhi anamahlaya," usho kanje uNelisa.
Uqhube wathi yize indawo kaPhumzile ibimnandi kodwa ubethukile ukungena ezicathulweni zikaBusi Rulayi, ngaphambi kokudlula emhlabeni.
"Iqiniso lithi noma ngangifuna, ngangingeke ngikwazi ukudlala uPhumzile ngendlela uBusi Rulayi (ongasekho) amlingisa ngayo kodwa ngenza konke okusemandleni ami ukudlala indawo kaPhumzile futhi ngiyabonga nokuthi abadidiyeli bakujabulela.”
UNelisa uthe njengomlingisi olingisa emidlalweni ehlukene kwenza abalandeli bakhe bazitshele ukuthi ufana nalo asuke emlingisa.
"Uma ngihlangana nabantu babuye bezitshele ukuthi nginguFikile, balindele nokuthi ngizoziphatha njengaye kanti cha, yindawo engisuke ngiyidlala yehluke kakhulu nendlela engiyiyona," kuchaza uNelisa.
Uphethe ngokuthi kunomsebenzi amatasa ngawo njengamanje omjabulisa kakhulu kodwa ngeke akwazi ukusho ukuthi uyini. Wathi abalandeli bakhe bazowuthokozela kakhulu futhi usejahile ukuthi bawubone.