UMLINGISI wakuleli osemnkantshubomvu uNambitha Mpumlwana, ukhala ngokudliwa kwamandla abo bebhekile njengofishi emkhakheni wezokungcebeleka. Ekhuluma kwiNewzroom Africa ngeledlule, uNambitha uthe kufanele kube nemali abakhokhelwa yona uma kuphindwa imidlalo emidala, abasuke bekade bebambe iqhaza kuyo.
"Ngesikhathi kuqala ukuvalwa kwezwe besingasebenzi. Ngisho sebevumelekile abantu ukusebenzela emakhaya kodwa besebenzisa izinkundla zokuxhumana, kodwa bengingakwazi ukusebenza ngenxa yokuthi umsebenzi engiwenzayo udinga ngisebenze eduze nabantu.
“Into engaphephisa endlaleni imali oyithola uma kukhonjiswa umdlalo owawulingisa kuwo. Okwamanje imithetho ekhona ayikasivumeli ukuba sihole imali, ngokuphindwa kwemidlalo esilingise kuyo, " kuchaza uNambitha.
Lo mlingisi uqhube wathi uyafisa eminyakeni ezayo ukuba uma kuphindwa imidlalo enaye, ahlomule naye. "Ngifisa uma kuphindwa imidlalo enjengoGenerations, Justice For All neBeyond Borders nanoma iyiphi imidlalo engiyenzile. Uma iphindwa kusasa kufanele nami ngihole."
Uthe abadidiyeli bemidlalo balokhu bethi bakhokhela abalingisi ngokubaveza emphakathini.
"Bathi abantu bazokubona. Ngiyaxakeka ngoba kudala abantu bengibona. Ngiyacela ungikhokhele. Khokhelani amaciko."
Uthe ukuxhashazwa kwamaciko ngale ndlela wumkhuba omdala obuwenzeka ngisho nangezikhathi zoHenry Cele, owalingisa indawo eqavile emdlalweni UShaka Zulu.
"UShaka Zulu udlalwe kakhulu e-America kodwa uCele ubengatholi lutho ngokuphindwaphindwa kwalo mdlalo."
Uthe abalingisi benza umsebenzi omkhulu wokududuza abantu abadangele emakhaya kodwa bona abaneme.
"Abantu abafuni ukubona uNambitha kodwa basuke befuna ukubona abantu esibalingisayo. Mina sengifuna babone uNambitha ukuze bazi ukuthi unengane futhi ukhokhela umuzi. Amabhange awanandaba nokwaziwa kwami kodwa afuna imali nomasipala waseGoli udinga imali yama-rate."
UNambitha ukhuze ibuya ekulingiseni njengoba ezobonakala emdlalweni omusha ozokhonjiswa kuSABC 1 kusasa ngo-8 ebusuku othi The Kingdom. Lezi zindaba ziqinisekiswe nguye ekhasini lakhe leTwitter.