MBALI KHANYILE
INTOKAZI eyayingumethuli wohlelo lwabantwana olukhonjiswa kwiSABC 1 iYoTV, ithi ibonga uMdali ngethuba eliyingqayizivele lokuba yilungu lohlelo ekhule ilubuka kwithelevishini, iMorning Live esakazwa kwiSabc 2 nakwiDStv kwiChannel 404.
UVusiwe Ngcobo ongene esikhaleni sikaVaylen Kirtley, wethula ezemidlalo kulolu hlelo lwezindaba olusakazwa ekuseni kusukela ngoMsombuluko kuze kube wuMgqibelo.
Ekhuluma nentatheli yeSolezwe ngeSonto, uthe ukwenza ezemidlalo bekuyisifiso sakhe seminyaka esaholela ekutheni agcine ezijwiba emkhakheni kaqeda isizungu ngemuva kokuthi eqede izifundo zakhe zobumeli.
"Ngesikhathi ngishiya iYoTV ngangivele ngihlose ukuhlaba ikhefu kulo mkhakha ukuze ngikwazi ukugxila ekutholeni uqeqesho ebengiludinga emkhakheni wobumeli. Ngizizwa ngibusiseke ngendlela eyisimanga njengoba ngenza le misebenzi yomibili ebengihlezi ngiphupha ngayo," kusho uVusiwe.
Eqhuba, uthe akubanga lula ngenkathi ebuyela ezinhlelweni zethelevishini njengoba eqale wasebenza ngemumva kwamakhamera esakaza ezemidlalo. Uthe ukusayina inkontileka yokuqashwa yiSABC kube yisimangiso kuyena.
"Ukusebenza nezinkakha ezifana noSakina Kamwendo noLeanne Manas kungenza ngizibone ukuthi sengivuthiwe kwezokusakaza. Ukuvuka njalo ekuseni ngiyosebenza nabantu ebengihlezi ngibabuka kwithelevishini ngenkathi ngisesikoleni kungijabulisa kakhulu," kubeka intokazi.
Uveze ukuthi phezu kokuba ekulo mkhakha kodwa ngeke awushiye owobumeli ngoba yomibili imsebenzi ayenzayo isondele enhliziywe yakhe.
Ephetha uthe ufisa intsha yesifazane elandela emumva kwakhe ibe nomqondo wokulambela impumelelo ngaso sonke isikhathi, igqugquzeleke uma ibuka yena.