INKAKHA yomlingisi eyazakhela udumo ngokuba uNkwesheng kwiBophelo Ke Semphekgo noKenneth Mashaba kwiGenerations, uSeputla Sebegodi, ithi abalingisi abangasazi isiZulu bazobhuqwabhuqwa yindlala.
Ekhuluma kwiDavid Mashabela Studio, uSeputla uthe yena uphoqelekile ukuba anqabe ukulingisa emidlalweni ewuchungechunge neyisigcawugcawu ngenxa yokuthi ubebuzwa ukuthi uyasazi yini isiZulu.
Uthe uma ungenza umdlalo ngoMthethwa, KwaZulu-Natal makhulu amathuba okuthi uthole uR3 million noma uR5 million
kodwa uma ungenza umdlalo ngoMampura kuyobe unenhlanhla uma ungathola imali efinyelela kuR500 000 ngoba asihlonishwa."
Uthe imidlalo eminingi ewuchungechunge kukhulunywa kuyo isiZulu.
"Mfowethu, uma ungasikhulumi isiZulu, zihlinzeke ngokubhuqwabhuqwa yindlala. Ngingakunikeza imali uma ungangitshela ngomdlalo owodwa owuchungechunge ongenawo amaZulu," kusho uSeputla osedlala emdlalweni omusha iRedemption ku-e.tv.
USeputla uthe okudala lokho ukuthi ezinye izilimi, ezinjengeTshivenda nesiSepedi, zicindezelekile. Ukhale ngokuthi abantu abawahambeli amanye amazwe ukuze babone imidlalo yenziwa ngezilimi zendabuko, okungelula uziqonde.
"Kwesinye isikhathi ubuka umdlalo weSpanish ongaluqondi lolulimi kodwa ulandela indikimba yawo."
Uthe uma ungaqhathanisa imiqhudelwano yezindondo eyenziwa eKZN kuneyenziwa eLimpopo, uzothola ukuthi iyinqwaba eKZN kunaseLimpopo.