UKUQONDA nokuqaphela ukuthi umculo ngenye yezinto ezihlale zenza ukuthi abantu bakhulume futhi babe nemibono ehlukene, ngesinye sezizathu ezinqala ezenze oSinini Nyathi-Mati noKagiso Mogale basungula umdlalo osihloko sithi Genesis, ozogxila futhi uveze obala konke okwenzeka ebhizinisini lomculo nokunye okweyamene nalo.
Lokho kushiwo wuSinini, ongomunye waqasunguli balo mdlalo ozoqala ukukhonjiswa kwiMzansi Magic ngo-Ephreli 21 ngo-7:30 ebusuku, ungena esikhaleni seMy Brother’s Keeper, okukhonjiswa isizini yawo yokugcina manje.
Engxoxweni ekhethekile neSolezwe Ngempelasonto ngalo mdlalo oqoshelwa eGoli namaphethelo, uSinini uthe okunye okwenze baqhamuka nomcabango womdlalo onjena, okubathathe cishe unyaka wonke ukuwuhlanganisa, wukuthi bobabili noKagiso bakhuliswe ngenkolo yobuKristu, lokho okwenze baqonda okuningi ngezinto ezenzeka kuyona.
“Yilapho esibone khona ukuthi uma singagxila ebhizinisini lomculo wezenkolo sizokwazi ukudoba iso labantu abaningi, futhi sibafundise nokunye okuningi okwenzeka kulona, okungenzeka ukuthi abanye abantu abakuqondi ukuthi kwenzeka kanjani. Lo mdlalo uzokwenza abantu baqonde ukuthi impumelelo yebhizinisi lomculo yakhiwawa kanjani nokuthi yini eyenza ukuthi izinto zibhede ngokuqhubeka kwesikhathi,” kusho uSinini.
Eqhuba, uthe okunye okube yinselelo ngokuhlanganisa lo mdlalo wukuthi bekudingeka ukuth bathole umuntu okwazi ukucula ozokwazi ukulingisa indawo ephambili emdlalweni, okudingeke ukuthi bengatatazeli ngenkathi besenza uhlelo lokuhlonza abalingisi abazolingisa kuwona.
“Yingakho nje kubalingisi bethu abaqavile kukhona uNayMaps ongumlingisi okwazi ukucula nokudlala i-piano, futhi ukhulele emndenini wabantu abakholwayo, ngakho uzokwazi ukuqonda ukuthi yini esiyidingayo kuyena. Yingakho futhi sifake uBaby Cele ngoba naye unolwazi lomculo nokucula, sase sinonga ngoBuyile Mdladla yena oza nento ehlukile yokuba wumuntu onolwazi lokuphatha ibhizinisi nokunye okunjalo,” usho kanje.
Udalule ukuthi konke kuza kahle ngalo mdlalo, oqale ukuqoshwa ngo-Okthoba nyakenye, okulindeleke ukuthi baqede ukuqopha isizini yawo yokuqala ngoSepthemba nonyaka. Uthe njalo ngenyanga bakhiqiza iziqephu eziwu-25, okuzokwenza ukuthi bakwazi ukuqedela iziqephu eziwu-260 ezidingekayo ngesikhathi esifanele.
UKagiso futhi wuye ophethe ithimba lababhali bomdlalo abawu-12, bese kuba ngama-storyliner amathathu abhekele ukuqhuba izigameko zomdlalo. Kanti futhi kukhona nezingwevu emculweni ezibambe iqhaza ngokucobelela ngolwazi lomculo, ezizodalulwa uma sekuqale lo mdlalo okhiqizwe yiSingavision Production kaKagiso noSinini.