UDJ Twitty uthi isikhathi esiphila ngaphansi kwaso sinzima ngakho kubalulekile ukuthi abantu basebenze kanzima ukuze bakwazi ukuzenzela impilo engcono.
Usho kanje ngesikhathi ezoxa neSolezwe mayelana nokungena kwakhe endimeni yezokulingisa.
Uthe bese kunesikhathi efuna ukungena ekulingiseni njengoba eseqalile ukuqopha kwiMbewu.
UPhilani “Twitty” Khuzwayo, owaqala ukugqama ngesikhathi esaqopha e-Afrotainment kaDJ Tira, uthe ukulingisa wakuthanda esakhula futhi kuyamjabulisa ukuthi sekugcine kufezekile.
Imbewu idlala ku-e.tv njalo ngo-9.30 ebusuku phakathi nesonto.
“Sekunenyanga ngiqalile ngizama. Ngikholwa wukuthi umuntu angenza noma yini afuna ukuyenza, akukho okungakuvimba. Umsebenzi wethu ukujabulisa abantu ngakho ngibona ngathi sesiside isikhathi senza into eyodwa,” kusho uTwitty.
Uthe ukulingisa wakugcina esesesikoleni kodwa ithalente unalo.
“Okwamanje ngisadlala indawo encane yokuba wumsebenzi wezimo eziphuthumayo, cishe ngiyoqala ukubonakala uma sekuyophela inyanga. Ngikholwa ukuthi ngokuhamba kwesikhathi indawo yami izokhula. Ngenze inhlolokhono njengawo wonke umuntu futhi ngijoyine nenkampani ephethe abalingisi, iWonder Casting Agency. Kuyasiza ukwenziwa kwemidlalo yaseThekwini ngoba asikho isidingo sokuya eGoli. Ngifuna ukugcina sengidlala nakweminye imidlalo emikhulu namafilimu.”
Uqhube wathi ukungena kwakhe ekulingiseni akusho ukushiya phansi umculo ngoba usazoqhubeka nawo. Ugcine ukukhipha umculo omusha nyakenye ngengoma ethi Ofana Nawe.
“Ukwenza izinto eziningi angikuqali manje. Ngaphandle komculo, nginelebuli yezimpahla futhi ngiphinde ngibe nenkampani yokwakha. Kubi emhlabeni, kumele sithole indlela yokwenza izinto, impilo iye phambili.”