EMUVA kokuhlaba ikhefu leminyaka emihlanu, uqweqwe lomlingisi wakuleli uMzwandile Ngubeni, ubuye ngezinkani kwithelevishini.
Lo mlingisi udlala indawo ka-Elvis Baloyi emdlaweni okhonjiswa kwi-1Magic iThe River, nosekuyisizini yawo yesine. Uqale ukubonakala emasontweni adlule futhi useqalile ukunyakazisa izinto nokudonsa ababukeli.
Exoxa neSolezwe ngeSonto, uveze ukuthi isizathu sokuhlaba ikhefu kancane kwezikaqedisizungu kwakungukuqala kahle umndeni wakhe, nebhizinisi lakhe iMazothe Media.
“Ngijabule kakhulu ngokubuyela emsebenzini wami okuyiwona engawufundela ngoba bese kusho ukuthi kunesikhala esikhona. Inhloso yami yokushiya isikhashana bekunguqala umndeni wami nokufezekile nngoba senginezingane ezimbili nesithandwa sami engasilanda eClermont eThekwini, ” usho kanje uMzwandile.
UNgubeni oshade nomlingisi uNolwazi Ngubeni, uthe njengoba ayegcine ngo-2016 ukuba semdlalweni wethelevishini, uthole ukuthi kuningi osekushintshile kodwa aseqalile ukukufunda naye. Uqhube wathi luningi ucwaningo alwenzile ngale ndawo ayidlala manje, ngoba ubefuna ukungena khaxa ezicathulweni zika-Elvis.
Echaza ngendawo ayidlalayo, uthe u-Elvis uyindoda eshayela amabhanoyi eyayingafunwa ngamantombzane isasesikoleni.
“Yize esephumelele empilweni kodwa usalangazelela lokhu ayengakutholi esasesikoleni. Kulokhu angenza noma yini ukuze athole uMadlabantu ,” kusho yena.
Uveze ukuthi ezinye zezingqinamba abhekane nazo kube wukungakwazi ukuxhumana ngendlela nomqeqeshi wakhe wezokulingisa ngenxa yemibandela yeCovid-19.
“Okuningi besikwenza ngobuchwepheshe besimanje (virtually) ngoba bekungasivumeli ukuthi sihlangane ubuso nobuso. Nokuyinto engifundisile ukuthi ngoba izikhathi ziyashintsha, nathi kumele sifunde ngobuchwepheshe besimanje ukuze singasaleli emuva,” kubeka uNgubeni.
Uphethe ngokubonga ababukeli ngokumamukela ngezandla ezivulekile yize ubeseke wanyamalala isikhashana kumabonakude.
“Ngiyathembisa ukuthi ngizozinikela kukona konke engikwenzayo kanti kukhona nokunye okuzayo engisazokumemezela uma isikhathi sesifikile,” kuphetha uNgubeni.