Kumanje uMadluphuthu umatasatasa uqopha iziqephu zohlelo lwezingxoxo.
“Lolu hlelo lwezingxoxo lubizwa nge i-On A Point of Order futhi ngisebenza kulo noTbo Touch (owazakhela udumo kwiMetro FM),” kuchaza uMadluphuthu owazakhela ugazi ngokulingisa ngamazinyo aphumele ngaphandle nezibuko ezihlekisayo.
Uthe kunenye ifilimu asematasatasa nokuyididiyela ngokubambisana nenkakha yomculi we-bublegum, uSello “Chicco” Twala, owaduma ngengoma ethi We Miss You Manellow nethi Peace In Our Land.
“Ngilungiselela nokukhipha i-albhamu kodwa okwamanje ngisakhangisa kakhulu umucu ozobe ukuyo osihloko sithi Thul’ Ujaive. Kule ngoma ngisebenze noDJ Cleo."
UMadluphuthu odabuka eDaveyton, eGoli, wakhula kanzima ngoba uyise wamshiya emhlabeni eneminyaka engu-13, wakhuliswa ngunina nodadewabo abathathu.
Uze waphumelela empilweni emuva kweminyaka ewu-15 ezabalaza futhi waze wakhipha i-albhamu noMan Child weMina Nawe ngo-1998.
Kwathi ngo-2001 wenza ingoma yekwaito noMapaputsi eyayisihloko sithi Izinja Zakhona.
Esezimele yedwa wakhipha ama-albhamu amabili angenzanga kahle nokwamphoqa ukuba ayobamba itoho esitolo. Izinto ziqale ukumhambela kahle eselingisa efilimini yamahlaya ethi My Sh*t Father And My Lotto Ticket, alingisa okokuqala enguMadluphuthu nomculi we-Afro pop, uWinnie Khumalo nowayeyisiqongqwane sasemuva se-Orlando Pirates, uSteven Mnguni. Walandelisa ngethi Sh*t Cop nethi Shagaan Tree.
Emculweni ugqame engomeni kaSpikiri eyayithi Ngeke Balunge, eyayibophele iTeargas noBrown Dash.