INTOKAZI eyazakhela igama endimeni yokuthula izinhlelo kwaSABC1, uZandi Nhlapho, ishaya ibuya kuthelevishini njengoba isijoyine umdlalo Imbewu.
Kulo mdlalo okhonjiswa ku-e.tv, ngo9.30, phakathi nezinsuku uzoqala ukubonakala ngoMsombuluko nala ezobe elingisa khona indawo kaNompi Khanyeza.
UZandi kungokokuqala ukuthi angene emkhakheni wokulingisa njengoba ngaphambilini ubematasa ngokwethula izinhlelo ezihlukene kuthelevishini.
UNompi, ungumama kaFikile, nongachithanga isikhathi esiningi nendodakazi yakhe, nosebuya isindala.
UZandi uveze ukuthi uhluke kakhulu kuNompi uma nje kuziwa endleleni yokukhulisa izingane nokuba wumzali.
“Ungumuntu onenhliziyo elikhuni, uyisiphoxi nje akanandaba nomunye umuntu. Unendlela yakhe nje yokwenza izinto, angazi noma lokhu kwenziwa ukuthi uhlale kakhulu nezimfihlo ebezimudla iminyaka, engakwazi ukuzikhuluma namuntu. Bekuba nzima ngezinye izikhathi ukudlala le ndawo kodwa ngibuye ngibonge ukuba ilingiswe yimina njengoba ngingumzali wamantombazane engihlale nginawo nsuku zonke,” kusho uZandi.
Uthe uNompi uzoqala avele njengowesifazane obuya empilweni yendodakazi yakhe ngenxa yokuthi kukhona iqiniso azoliveza kuyona, nelizothinta abantu abaningi.
"Yena nendodakazi yakhe abatholani kahle njengoba esebuya kuyo esemdala, ufika nje ungumuntu oqinisa imithetho yokuthi iphile kanjani. UNompi ungumuntu okholelwa ekutheni ingane iyohlala isephutheni yena njengomzali konke akushoyo kulungile. Lokho kudala omkhulu umsindo njengoba aze ayikhethele ukuthi igqoke kanjani,“ kuchaza yena.